Skip to Content

"wehle"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:44

Kwathi ngokwesikhombisa yath i: Bheka, kukhuphuka ifu elwandle, lingangesandla somuntu . Wayesethi: Khuphuka, umtshele u -Ahabi ukuthi : Bophela, wehle, funa uvinjelwe yimvula.

1 AmaKhosi 21:18

Suka wehle , umhlangabeze u -Ahabi, inkosi yakwa -Israyeli, oseSamariya; bheka, usesivinini sikaNaboti, lapho ehlele khona ukusidla.

2 AmaKhosi 1:11

Wabuye wathuma kuye enye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yathatha yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , isho kanje inkosi, ithi: Shesha wehle.

AmaHubo 144:5

Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:8

Woza umuke nami eLebanoni, makoti wami, umuke nami eLebanoni, wehle esiqongweni sase -Amana, nasesiqongweni saseSeniri naseHermoni , simuke emihumeni yezingonyama, nasezintabeni zezingwe.

IzEnzo 10:20

sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo. Ukufika kukaPetru endlini kaKorneliyu

NgokukaLuka 19:5

Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.

NgokukaLuka 9:54

Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho , bathi: Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?

NgokukaMarku 15:30

zisindise, wehle esiphambanweni.

NgokukaMathewu 27:40

bathi: Wena odiliza ithempeli , ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu , zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.

U-Eksodusi 19:24

Wayesethi uJehova kuye : Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke , wena no- Aroni enawe ; kepha abapristi nabantu mabangafohli , bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.

U-Eksodusi 32:7

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;

U-Isaya 64:1

Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho

UDuteronomi 28:43

Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo , wena wehle njalonjalo.

UDuteronomi 9:12

UJehova wathi kimi: Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.

UNumeri 34:11

umkhawulo wehle eShefamu , uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo , uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga,