Skip to Content

"wenyukela"

27 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:32

UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.

1 AmaKhosi 12:33

Wayesenikela e -altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje ; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.

1 AmaKhosi 14:25

Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu , uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema.

1 AmaKhosi 20:26

Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama -Aramu, wenyukela e - Afeki ukuba alwe no-Israyeli.

1 iziKronike 13:6

UDavide wenyukela kanye naye wonke u -Israyeli e Bahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda , ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi , owawubizwa ngegama lakhe.

2 AmaKhosi 23:29

Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase- Asiriya ngasemfuleni u -Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.

AbAhluleli 14:19

UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo , wathatha isambatho sabo , wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

AbAhluleli 9:48

U-Abimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; u-Abimeleki wathatha izembe ngesandla , wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe , wathi kubantu ababenaye : Lokho eningibone ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.

AmaHubo 68:18

Wena wenyukela phezulu , wathumba izithunjwa , wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.

IzEnzo 10:9

Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.

IzEnzo 25:1

Kwathi uFestu engenile esikhundleni , wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;

NgokukaJohane 6:3

UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe.

NgokukaJohane 7:14

Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

NgokukaLuka 9:28

Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka.

NgokukaMathewu 14:23

Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka ; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.

NgokukaMathewu 15:29

Wasuka lapho uJesu , wafika ngaselwandle lwaseGalile , wenyukela entabeni, wahlala phansi khona.

NgokukaMathewu 5:1

Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye.

UJoshuwa 15:15

Wasuka lapho , wenyukela kwabakhileyo eDebiri ; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.

UJoshuwa 15:3

waphuma waya ngaseningizimu kommango wase -Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya , wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka;

UJoshuwa 15:6

umkhawulo wenyukela eBeti Hogila , wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;

UJoshuwa 15:7

umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase -Akori ngasenyakatho , ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase -Adumimi elingaseningizimu komfula ; umkhawulo wawusudlula , waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi ; ukuphuma kwawo kwakungasemthon jeni waseRogeli;

UJoshuwa 15:8

wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu , eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

UJoshuwa 19:11

umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala , wafinyelela naseDabesheti , wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,

UJoshuwa 19:12

wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga , lapho kuphum a khona ilanga , kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori , waphuma waya eDabe rati, wenyukela eJafiya;

UJoshuwa 2:8

Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni;

UJoshuwa 8:20

Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini ; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

URuthe 4:1

UBowazi wenyukela esangweni , wahlala phansi khona ; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi , wadlula; wathi kuye : We wena sibanibani , phambuka, uhlale lapha. Waphambuka, wahlala phansi.