Skip to Content

"wenzile"

36 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:11

Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni : Njengokuba wenzile lokho wena , ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho.

1 AmaKhosi 14:9

kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho , wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa u kuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,

1 AmaKhosi 16:16

Abantu ababemisile bezwa kuthiwa : UZimri wenzile ugobe , ubulele nenkosi; ngalokho wonke u -Israyeli wambeka u -Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.

1 iziKronike 17:19

Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.

1 uSamuweli 28:17

UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami : uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho , wawunika umakhelwane wakho uDavide.

1 uSamuweli 28:18

Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova , awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama -Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla.

2 AmaKhosi 10:10

Qaphelani manje ukuthi akuyikuwela phansi lutho lwezwi likaJehova alikhulumayo uJehova ngendlu ka -Ahabi; uJehova wenzile lokho akukhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Eliya.

2 AmaKhosi 19:15

UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu ka- Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi , wena un guNkulunkulu, wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

2 iziKronike 25:16

Kwathi esakhuluma naye , wathi kuye : Sikubeke umluleki wenkosi na ? Yeka, ubuyakubulawelani na? Wayeseyeka umprofethi, wathi: Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa , ngokuba wenzile lokho , ungalalelanga isiluleko sami.

2 uSamuweli 14:20

uJowabe inceku yakho wenzile lokho ukuba aphendukezele ubuso bendaba; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulun kulu ukwazi konke okusemhlabeni. Ukubuya kuka-Abisalomu nokuthethelelwa kwakhe

2 uSamuweli 23:5

Ayinjalo indlu yami kuNkulunkul u na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade ; sihleliwe ezintweni zonke , sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?

2 uSamuweli 7:21

Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba ukwazise inceku yakho.

AbAhluleli 15:18

Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho ; kepha manje sengiyakufa ukoma , ngiwele esandleni sabangasokile.

IsiLilo 2:17

UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo ; ubhidlizile engenasihawu , wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.

IsiLilo 2:20

Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani . Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo , izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

IzAga 16:4

UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho ; yebo, nomubi umenzele usuku olubi.

IzAga 20:12

Indlebe ezwayo neso elibonayo, uJehova wenzile kokubili.

IzAga 30:32

Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa. wacabanga okubi, beka isandla emlonyeni wakho.

NgokukaLuka 1:51

Wenzile amandla ngengalo yakhe ; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.

NgokukaMarku 14:8

Wenzile abengakwenza ; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.

U-Isaya 12:5

Hlabelelani kuJehova, ngokuba wenzile izinto ezinkulu ; lokhu ma kwazeke emhlabeni wonke.

U-Isaya 25:1

Jehova, unguNkulunkulu wami ; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso , namasu asendulo , nokuthembeka, neqiniso.

U-Isaya 25:2

Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba , nomuzi obiyelweyo wab a yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi , ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.

U-Isaya 37:16

Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi , wena unguNkulunkulu , wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba , wena wenzile izulu nomhlaba.

UHezekeli 16:48

Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.

UHezekeli 22:11

Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe ; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.

UHezekeli 33:16

Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezon o zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.

UJeremiya 14:22

Kukhona yini phakathi kwawonkulunkul u babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.

UJeremiya 32:17

E, Nkosi Jehova , bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo

UJobe 36:23

Ngubani ommisele indlela yakhe na ? Ngubani ongasho ukuthi : Wenzile okubi, na?

UJona 1:14

Ayesekhala kuJehova, athi: Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala , ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.

UJoshuwa 22:25

UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani , nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi ; aninasabelo kuJehova ; abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.

UJoweli 2:20

Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga , kukhuphuke ukunuka kwakhe , kwenyuke iphunga lakhe elibi; ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

UJoweli 2:21

Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

UNehemiya 9:6

Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo , umhlaba nakho konke okukuwo , izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.

UmShumayeli 3:11

Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho , ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo ; nokho umuntu ange fumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.