"wesibili"
27 occurrences in ZUL
UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wesibili ka -Asa inkosi yakwaJuda , wabusa phezu kuka -Israyeli iminyaka emibili.
Umuntu wokuqala wavela emhlabeni , engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa- Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
Ngomnyaka wesibili kaPheka in dodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
Lokhu kuyakuba yi sibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
Yayisifa njengezwi likaJehova alikhulum ileyo u-Eliya. UJehoramu waqala ukubusa esikhundleni sakhe ngomnyaka wesibili kaJehoramu indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, ngokuba wayengenandodana.
Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu , noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
Wayesethuma owehhashi wesibili owaya kubo , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? Wathi uJehu: Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami.
Walwa nenkosi yabantwana bakwa -Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa - Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni , nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.
Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane. Icilongo lesikhombisa
Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu , ifumane kunjalo , zibusisiwe zona lezo.
Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili , ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.
Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endli ni kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele , indodana kaSheyalitiyeli , noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi , namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.
Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.
Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane , nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho ; umoya wakhe wakhathazeka , nobuthongo bakhe bambalekela.
Igama lo wesibili waliqamba ngokuthi u -Efrayimi, wathi: Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.
Usuphelile lowo mnyaka , beza kuye ngomnyaka wesibili , bathi kuye : Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile ; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi ; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.
Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , umbusi wakwaJuda , nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:
ngosuku lwamashumi amabili nane ngenyanga yesithupha ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi.
Ngolwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuHagayi umprofethi, lathi:
Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
Kwathi ngomnyaka wesibili ngeny anga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele lobufakazi.
UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:
UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:
Ngenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:
Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomny aka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi: