Skip to Content

"wesihle"

8 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 35:29

Abantwana bakwa -Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova , bonke abesilisa nabesifazane , abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose. Ababonisi bemisebenzi

U-Ezra 1:4

Bonke abaseleyo, nakuziphi izindawo lapho begogobele khona , mabasizwe ngabantu bendawo yabo ngesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.

U-Ezra 8:28

Ngathi kubo : Ningcwele kuJehova , nezitsha zingcwele ; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

UDuteronomi 16:10

Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho , oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,

UHezekeli 46:12

Lapho isikh ulu siyakulungisa umnikelo wesihle , umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova , siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga , silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha , bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

ULevitikusi 22:21

Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.

ULevitikusi 22:23

Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane , unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle , kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.

UNumeri 15:3

nenze umnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso , noma umnikelo wesihle , noma owemikhosi yenu emisiweyo , ukwenza iphunga elimnandi kuJehova , owezinkomo noma owezimvu,