Skip to Content

"wesishiyagalolunye"

7 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:6

Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya , inkosi yase -Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u -Israyeli e -Asiriya, yababeka eHala , naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.

2 AmaKhosi 18:10

Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwa - Israyeli iSamariya lathathwa.

2 AmaKhosi 25:1

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.

UHezekeli 24:1

Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:

UJeremiya 39:1

Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , nempi yakhe yonke eJerusalema , walivimbezela;

UJeremiya 52:4

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.

ULevitikusi 25:22

Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili , nidle izithelo zikanyasa ; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.