Skip to Content

"wezulu"

64 occurrences in ZUL

2 iziKronike 36:23

Usho kanje uKoresi , inkosi yasePheresiya , uthi: U Jehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda . Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.

2 uSamuweli 18:9

U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide . U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi wakhe , umnyuzi wangena phansi kwehlozi le -oki, ikhanda lakhe labambelela e -okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.

AmaHubo 136:26

Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

AmaHubo 19:6

Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu ; ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo; akukho okufihlelwe ukushisa kwalo.

IsAmbulo 11:13

Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , kwawa okweshumi komuzi , nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nabaseleyo b ashaywa luvalo , bamdumisa uNkulunkulu wezulu.

IsAmbulo 14:6

Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu , inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni , nakuzo zonke izizwe , nemindeni, nezilimi, nabantu,

IsAmbulo 16:11

futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.

IsAmbulo 19:17

Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu , ithi: Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu

IsAmbulo 8:13

Ngase ngibona , ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu , lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!

Kwabase-Efesu 2:6

wasivusa kanye naye , wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,

NgokukaMarku 13:27

Lapho iyakuthuma izingelosi , iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

NgokukaMathewu 10:7

Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.

NgokukaMathewu 11:11

Ngiqinisile ngithi kini : Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane u Mbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

NgokukaMathewu 11:12

Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga.

NgokukaMathewu 13:11

Waphendula-ke, wathi kubo: Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.

NgokukaMathewu 13:24

Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;

NgokukaMathewu 13:31

Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;

NgokukaMathewu 13:33

Wabatshela omunye umfanekiso wathi : Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.

NgokukaMathewu 13:44

Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini , yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba , athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

NgokukaMathewu 13:45

Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle;

NgokukaMathewu 13:47

Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle , lihlanganisa zonke izinhlobo;

NgokukaMathewu 13:52

Wayesethi kubo : Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu , umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala. UJesu udelelwa emzini wakubo (Mark. 6:1; Luk. 4:16)

NgokukaMathewu 16:19

Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu . Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini , nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.

NgokukaMathewu 18:1

Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu , bathi: Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?

NgokukaMathewu 18:23

Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.

NgokukaMathewu 18:3

wathi: Ngiqinisile ngithi kini : Uma ningaphenduki , nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 18:4

Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 19:12

Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina ; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu ; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele. Ukubusiswa kwabantwana (Mark. 10:13; Luk. 18:15)

NgokukaMathewu 19:14

UJesu wayesethi : Vumelani abantw ana, ningabenqabeli ukuza kimi , ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.

NgokukaMathewu 19:23

Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe : Ngiqinisile ngithi kini : Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 20:1

Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.

NgokukaMathewu 22:2

Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi , owenzela indodana yakhe umshado.

NgokukaMathewu 23:13

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu ! Ngokuba aningeni nina , nabangenayo anibavumeli ukungena.

NgokukaMathewu 24:31

Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo , ziqoqe abakhethiweyo b ayo emimoyeni yomine , kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

NgokukaMathewu 25:1

Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.

NgokukaMathewu 3:2

Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!

NgokukaMathewu 4:17

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi : Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

NgokukaMathewu 5:10

Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga , ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

NgokukaMathewu 5:19

Ngakho-ke oweqa owodwa kule m iyalo emincinyane , afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu ; kepha oyigcinayo , ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 5:20

Ngokuba ngithi kini : Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 5:3

Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

NgokukaMathewu 7:21

Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi : Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.

NgokukaMathewu 8:11

Kepha ngithi kini : Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no -Abrahama no -Isaka noJakobe embusweni wezulu,

U-Ezra 1:2

Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya , uthi: UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.

U-Ezra 5:11

Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

U-Ezra 5:12

Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu , wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.

U-Ezra 6:10

ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.

U-Ezra 6:9

Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu , kanye nokolweni , nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema , mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi

U-Ezra 7:12

U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi ku -Ezra, umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi.

U-Ezra 7:21

Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula ukuthi konke u -Ezra umpristi nombhali wom thetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini , makwenziwe ngesineke sonke,

U-Ezra 7:23

Konke okusesimemezelweni sikaN kulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu , ngokuba kungase kube khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na?

UGenesise 14:19

Wambusisa wathi : U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezuknke , umdali wezulu nomhlaba.

UGenesise 14:22

Kepha u -Abrama wathi enkosini yaseSodoma : Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,

UGenesise 1:14

UNkulunkulu wathi : Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku , zibe yizibonakaliso zezinkathi , nezezinsuku, nezeminyaka,

UGenesise 1:15

zibe yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni , kwaba njalo.

UGenesise 1:17

UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni,

UGenesise 1:20

UNkulunkulu wathi : Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.

UGenesise 24:3

Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba , ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,

UGenesise 24:7

UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi , wafunga kimi , wathi: Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe ; uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho , ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.

UNehemiya 1:4

Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi , ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,

UNehemiya 1:5

ngathi: Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,

UNehemiya 2:20

Ngase ngibabuyisela amazwi , ngathi kubo : UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.

UNehemiya 2:4

Yayisithi inkosi kimi : Ukhala ngani ? Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.

UZakariya 5:9

Ngase ngiphakamisa ameh lo ami , ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo ; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.