Skip to Content

"wezwa"

40 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 13:4

Wonke u -Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhan da lamaFilisti nokuthi u -Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti . Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.

1 uSamuweli 17:28

U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu ; intukuthelo ka -Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na ? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho , ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.

1 uSamuweli 22:6

USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye ; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye.

1 uSamuweli 25:4

UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.

1 uSamuweli 2:22

U-Eli wayesemdala kakhulu , wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.

1 uSamuweli 8:21

USamuweli wezwa onke amazwi abantu , wawalanda ezindlebeni zikaJehova.

2 AmaKhosi 22:19

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.

2 iziKronike 33:13

Wakhuleka kuye ; wancengwa nguye , wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe . Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 12:4

ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi , wezwa amazwi angakhulumekiyo , okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.

AmaHubo 22:24

Ngokuba akadelelanga , akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo ; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

AmaHubo 34:6

Nasi isihlupheki esakhala , uJehova wezwa , wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

AmaHubo 40:1

Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami.

IsAmbulo 3:3

ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani , kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi , ngiyakuza kuwe njengesela , kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.

IsiLilo 3:56

Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.

IzEnzo 9:4

Wawa phansi emhlabathini , wezwa izwi lithi kuye : Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.

NgokukaJohane 9:35

UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle ; kwathi emfumana , wathi: Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?

NgokukaMarku 5:29

Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe , wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

U-Eksodusi 18:1

UJetiro umpristi wakwaMidiyani , umukhwe kaMos e, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no -Israyeli abantu bakhe , ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.

U-Eksodusi 2:24

UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo ; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

U-Eksodusi 32:17

UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: Kukhona umsindo wempi ekamu.

UDuteronomi 1:34

UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi:

UDuteronomi 4:36

Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.

UGenesise 21:17

UNkulunkulu wezwa izwi lomfana . Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini , yathi kuye : Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.

UGenesise 24:30

Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo , wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: Washo njalo lo muntu kimi, waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.

UGenesise 27:5

URebeka wezwa u -Isaka ekhuluma no -Esawu indodana yakhe . U-Esawu waya endle ukuyozingela inyamazane, abuye nayo.

UGenesise 30:6

Wayesethi uRaheli : UNkulunkulu ungahlulele , futhi wezwa izwi lami : wangipha indodana, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.

UGenesise 34:5

UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodak azi yakhe uDina ; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.

UGenesise 8:21

UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.

UGenesise 9:24

UNowa waphaphama ekudakweni , wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.

UJeremiya 18:13

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Buzani phakathi k wabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na ? Intombi yakwa -Israyeli yenzil e into eyesabekayo kakhulu.

UJeremiya 36:11

UMikhaya indodana kaGemariya kaShafani wezwa onke amazwi kule ncwadi,

UJobe 34:28

baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

UJona 2:2

wathi: Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova , wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.

UJoshuwa 14:12

Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.

UMalaki 3:16

Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ; uJehova waqaphela , wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

UNehemiya 9:9

Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe , wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu;

UNumeri 11:10

UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo , kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe ; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.

UNumeri 21:1

UmKhanani, inkosi yase -Aradi, owayakhe eningizimu , wezwa ukuthi u - Israyeli uyeza ngendlela yase -Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo.

UNumeri 33:40

UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 7:89

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.