Skip to Content

"wokubusa"

28 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 6:1

Kwathi ngomnyaka wamakhulu a mane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe , ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.

2 AmaKhosi 24:12

UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma , waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.

2 AmaKhosi 25:1

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.

2 AmaKhosi 25:27

Kwathi ngomnyaka wamashumi amatha thu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe , waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,

2 iziKronike 15:10

Babuthana eJerusalema ngenyanga yesi thathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa.

2 iziKronike 15:19

Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.

2 iziKronike 16:1

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka -Asa, uBahasha, inkosi yakwa -Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda , wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku -Asa inkosi yakwaJuda.

2 iziKronike 16:12

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe ; isifo sakhe sasinzima kakhulu ; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.

2 iziKronike 16:13

U-Asa wayesela la koyise , wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.

2 iziKronike 17:7

Ngomnyaka wesithath u wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda,

2 iziKronike 29:3

Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.

2 iziKronike 34:3

Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqal a ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise ; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema , wasusa izindawo eziphakemeyo , nawo- Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

2 iziKronike 34:8

Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu , wathuma uShafani, indodana ka -Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi , umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.

2 iziKronike 35:19

Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya leli phasika lenziwa. Ukufa kukaJosiya

2 iziKronike 3:2

Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe.

NgokukaLuka 3:1

Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari , uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya , uHerode engumtetrarki waseGalile , uFiliphu umfowabo engumtetrarki wezwe lase -Itureya nelaseTrakhoniti, uLisaniya engumtetrarki wase-Abilene,

U-Esteri 1:3

ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo , yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili , amaqhawe asePheresiya naseMediya , nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,

U-Esteri 2:16

U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi , eyinyanga kaThebeti , ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

U-Ezra 4:24

Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.

U-Ezra 6:15

Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka -Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi.

UDaniyeli 1:1

Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eJerusalema, walivimbezela.

UDaniyeli 2:1

Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho ; umoya wakhe wakhathazeka , nobuthongo bakhe bambalekela.

UDaniyeli 8:1

Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala.

UDaniyeli 9:2

ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli nga qonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema , iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

UJeremiya 1:2

okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;

UJeremiya 51:59

Izwi uJeremiya umprofethi ayala ngalo uSeraya indodana kaNeriya kaMakhaseya ekuhambeni kwakhe noSedekiya inkosi yakwaJuda eya eBabele ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe . USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.

UJeremiya 52:31

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi nambili , ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,

UJeremiya 52:4

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.