Skip to Content

"wolungileyo"

9 occurrences in ZUL

AmaHubo 37:30

Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.

AmaHubo 58:11

abantu baze bathi : Impela ukhona umvuzo wolungileyo ; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.

AmaHubo 94:21

Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.

EkaJakobe 5:16

Ngakho, vumani izono omunye komunye , nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

IzAga 10:11

Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila , kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.

IzAga 10:16

Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila; inzuzo yababi ingeyokona.

IzAga 10:31

Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha , kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.

IzAga 23:24

Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba , nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.

NgokukaMathewu 10:41

Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.