Skip to Content

"womuzi"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:26

Inkosi yakwa -Israyeli yathi : Mthathe uMikhaya , umbuyisele ku -Amoni, umbusi womuzi, nakuJowashi indodana yenkosi,

1 uSamuweli 9:11

Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: Umboni ukhona na?

2 AmaKhosi 10:5

Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: Siyizinceku zakho , siyakwenza konke oyakusitshela khona ; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.

2 iziKronike 18:25

Inkosi y akwa-Israyeli yathi : Mthatheni uMikhaya , nimbuyisele ku -Amoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi,

2 iziKronike 34:8

Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu , wathuma uShafani, indodana ka -Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi , umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.

AbAhluleli 9:30

Lapha uZebule umphathi womuzi ezwa amazwi kaGali indodana ka -Ebedi, kwavutha ulaka lwakhe.

IzEnzo 21:39

Kepha uPawulu wathi : Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya , ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.

KwabaseRoma 16:23

Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe , mina nebandla lonke . Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane.

UJoshuwa 8:20

Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini ; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

UJoshuwa 8:21

Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka , base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.

UNumeri 35:26

Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona,

UNumeri 35:27

umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali , akayikuba nacal a legazi,