Skip to Content

"yabalindi"

28 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 22:14

U-Ahimeleki waphendula inkosi , wathi: Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?

2 AmaKhosi 17:9

Abantwana bakwa -Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.

2 AmaKhosi 18:8

Wachitha amaFilisti kwaze kwaba seGaza nemikhawulo yalo , imibhoshongo yabalindi nemizi ebiyelweyo. IJerusalema lihlaselwa ngoShalimaneseri noSaneheribi

2 AmaKhosi 25:10

Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza iz ingange zaseJerusalema nxazonke.

2 AmaKhosi 25:11

Abanye abantu ababesele emzini , nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.

2 AmaKhosi 25:12

Kepha induna yabalindi yashiya abantu bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

2 AmaKhosi 25:15

Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa , nalokho induna yabalindi yakuthatha.

2 AmaKhosi 25:18

Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu , noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;

2 AmaKhosi 25:20

UNebuzaradani induna yabalindi wabathatha , wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.

2 AmaKhosi 25:8

Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , kwafika uNebuzaradani induna yabalindi , inceku yenkosi yaseBabele , eJerusalema.

UGenesise 37:36

AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari , inceku kaFaro , induna yabalindi bakhe.

UJeremiya 37:13

Lapho esesangweni lakwaBenjamini , kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu -Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya ; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: Uyahlubukela kumaKaledi.

UJeremiya 39:10

Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.

UJeremiya 39:11

UNebukadinesari, inkosi yaseBabele , wamyala uNebuzaradani , induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:

UJeremiya 39:13

UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi , nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,

UJeremiya 39:9

Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.

UJeremiya 40:1

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo b onke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.

UJeremiya 40:2

Induna yabalindi yamthatha uJeremiya , yathi kuye: UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;

UJeremiya 40:5

Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.

UJeremiya 41:10

U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa , amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa , uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka -Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana k aNethaniya wabathumba , wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

UJeremiya 52:12

Ngenyanga yesihlanu , ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyag alolunye wenkosi uNebukadinesari , inkosi yaseBabele , kwafika uNebuzaradani induna yabalindi , inceku yenkosi yaseBabele , eJerusalema.

UJeremiya 52:14

Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.

UJeremiya 52:15

Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini , nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele , nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.

UJeremiya 52:16

Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

UJeremiya 52:19

Izindebe, nemicengezi yomlilo , nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani , nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa , nalokho induna yabalindi yakuthatha.

UJeremiya 52:24

Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;

UJeremiya 52:26

UNebuzaradani, induna yabalindi , wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.

UJeremiya 52:30

Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu . Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha. Ukukhululwa kukaJehoyakini