Skip to Content

"yabantwana"

70 occurrences in ZUL

1 iziKronike 19:1

Kwathi emva kwalokho uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni wafa , indodana yakhe yaba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 iziKronike 20:3

Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo , wabanquma ngamasaha , nangezibhuqo zensimbi , nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa -Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

1 iziKronike 7:29

nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo , neMegido nemizana yalo , neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.

1 uSamuweli 12:12

Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni ephuma ukulwa nani , nathi kimi : Hhayi, kepha masibuswe yinkosi , ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.

1 uSamuweli 2:28

Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e -altare lami , ashise impepho , afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa - Israyeli.

2 AmaKhosi 14:6

Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.

2 iziKronike 25:4

Kodwa akabulalanga abantwana bazo , kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana , nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.

2 iziKronike 27:5

Walwa nenkosi yabantwana bakwa -Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa - Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni , nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.

2 uSamuweli 10:1

Kwathi emva kwalokho inkosi yabantwana bakwa -Amoni yafa , uHanuni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sayo.

2 uSamuweli 12:9

Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na ? Ubulele u -Uriya umHeti ngenkemba , wathatha umkakhe abe ngumkakho , wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.

2 uSamuweli 7:14

Mina ngiyakuba nguyise , yona ibe yindodana yami ; uma yenza okubi , ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,

AbAhluleli 11:12

UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa -Amoni, wathi: Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?

AbAhluleli 11:13

Inkosi yabantwana bakwa -Amoni yath i kuzo izithunywa zikaJefta : Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe , kusukela e -Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani , buyisani lawo mazwe ngokuthula.

AbAhluleli 11:14

UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni,

AbAhluleli 11:28

Kodwa ink osi yabantwana bakwa -Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo.

AmaHubo 137:7

Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema , ngenxa yabantwana bakwa - Edomi abathi: Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.

AmaHubo 83:8

Ne-Asiriya lahlangana nabo, laba yingalo yabantwana bakaLoti. Sela

KwabaseRoma 8:21

ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.

NgokukaMarku 7:28

Kodwa waphendula , wathi kuye : Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.

U-Eksodusi 16:10

Kwathi u -Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa - Israyeli, babheka ngasehlane ; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.

U-Eksodusi 16:9

UMose wathi ku -Aroni: Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa - Israyeli ukuthi : S ondelani phambi kukaJehova , ngokuba uzwile izinkonono zenu.

U-Eksodusi 35:1

UMose wabutha yo nke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli, wathi kuyo: Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.

U-Eksodusi 35:20

Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ebusweni bukaMose.

U-Eksodusi 35:4

UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli, wathi: Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi:

U-Eksodusi 9:6

Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso ; yafa yonke imfuyo yaseGibithe , kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.

U-Obadiya 1:20

Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa -Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefat i nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

UDaniyeli 11:41

Iyakungena nasezweni elihle , namanye amaningi ayakukhubeka , kepha lana ayakophulwa esandleni sayo : o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.

UDuteronomi 24:16

Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana , nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.

UDuteronomi 28:54

Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu , iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo,

UDuteronomi 28:55

ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

UJeremiya 27:3

ukuthume enkosini yakwa -Edomi, nasenkosini yakwaMowabi , nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire , nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,

UJeremiya 40:14

bathi kuye : Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa -Amoni uthume u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na ? Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.

UJoshuwa 13:31

nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka -Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase , inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

UJoshuwa 18:1

Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo , yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.

UJoshuwa 21:19

Yonke imizi yabantwana bakwa -Aroni, abapristi, yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.

UJoshuwa 21:20

Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi , abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwa-Efrayimi.

UJoshuwa 21:26

Yonke imizi yemindeni yabantwana abaseleyo bamaKohati yayiyishumi namadlelo ayo.

UJoshuwa 21:34

Imindeni yabantwana bakwaMerari, abaseleyo kumaLevi, yabelwa esizweni sakwaZebuloni iJokineyamu namadlelo alo, neKarita namadlelo alo,

UJoshuwa 21:40

Yonke imizi yabantwana bakwaMerari ngemindeni yabo , imindeni eseleyo yamaLevi, isabelo sabo sasiyimizi eyishumi nambili.

UJoshuwa 22:12

Abantwana bakwa-Israyeli sebezwile lokho , yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana ngaseShilo ukuba ikhuphuke ilwe nabo.

UJoshuwa 5:1

Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UJoweli 3:16

UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema ; izulu nomhlaba kuyazamazama , kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe , nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

ULevitikusi 10:14

Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe , ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.

ULevitikusi 16:5

Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa -Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.

ULevitikusi 19:2

Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli, uthi kuyo : Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.

ULevitikusi 24:8

Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo ; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.

UMika 1:16

Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho , wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.

UNehemiya 1:6

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.

UNumeri 13:26

Baya bafika kuMose naku -Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi , babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.

UNumeri 14:5

Khona oMose no -Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 14:7

bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli, bathi: Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu.

UNumeri 15:25

Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe , ngokuba kwakungengamabomu , futhi balethile umnikelo wabo , umnikelo womlilo k uJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;

UNumeri 15:26

yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli iyakuthethelelwa kanye nomfokazi ogogobeleyo kubo , ngokuba kubo bonke abantu kwakungesiphosiso.

UNumeri 18:11

Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo , nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa -Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfa nelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

UNumeri 19:9

Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole , awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo , ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli kube ngamanzi okuphothula ; kungumnikelo wesono.

UNumeri 1:2

Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo , bonke abesilisa ngezinhloko zabo;

UNumeri 1:53

Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi , ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.

UNumeri 22:3

UMowabi wayesesaba kakhulu abantu , ngokuba babebaningi ; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 25:6

Bheka, umuntu wabantwana bakwa -Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.

UNumeri 26:2

Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.

UNumeri 27:20

Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.

UNumeri 31:12

Baletha abathunjwa , nempango, nempahla edliweyo kuMose naku - Eleyazare umpristi , nakuyo inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.

UNumeri 31:30

Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke , ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova.

UNumeri 31:42

Enxenyeni yabantwana bakwa -Israyeli uMose ayahlukanisa neyamadoda ayelwile

UNumeri 31:47

yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlan u, awabantu nawezilwane , wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

UNumeri 32:7

Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa -Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?

UNumeri 32:9

Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase -Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.

UNumeri 3:38

Labo ab amisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga , ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga , bayakuba ngoMose no - Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

UNumeri 8:20

Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa- Israyeli kumaLevi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 8:9

Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana , ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli,