"yafa"
14 occurrences in ZUL
Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.
Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.
Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu ; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye.
Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali , umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe.
Inkosi yabeka esangweni induna eyencika esandleni sayo ; abantu bayinyathela esangweni , yafa njengokusho kwalowo muntu kaNkulunkulu akukhuluma ekwehleleni kwenkosi kuye.
Kwaba njalo kuyo: abantu bayinyathela esangweni, yafa.
Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo , wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo , yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo. OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda
Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yakwa -Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama -Aramu kwaze kwaba kusihlwa , yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.
Izinceku zayo zayikhipha enqoleni , zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema ; yafa, yembelwa emathuneni awoyise . Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.
Kwathi emva kwalokho inkosi yabantwana bakwa -Amoni yafa , uHanuni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sayo.
Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi , inkosi yaseGibithe yafa ; abakwa- Israyeli babubula ngenxa yobugqila , bakhala; ukukhala kwabo kw enyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.
Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso ; yafa yonke imfuyo yaseGibithe , kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.
Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda ; eseduduzekile uJuda wakhuphuka , waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.
Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa , izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;