Skip to Content

"yafika"

26 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:22

Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu ; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide , nesiliva, nezimpondo zendlovu , nezimfene, namapikoko.

1 uSamuweli 2:15

Yebo, bengakashisi amanoni , yafika inceku yompristi , yathi kumuntu ohlabayo: Letha inyama yokoselwa umpristi , ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.

2 AmaKhosi 1:13

Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.

2 iziKronike 24:23

Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase -Aramu yakhuphukela kuye , yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.

2 iziKronike 24:24

Ngokuba impi yase -Aramu yafika neviyo elincane labantu , nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo , ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.

2 iziKronike 9:21

Ngokuba inko si yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.

2 kwabaseKorinte 3:7

Kepha uma inkonzo yokufa , enamagama aqoshiwe ematsheni , yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa -Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,

2 uSamuweli 19:15

Yayisibuya inkosi , yafika eJordani ; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani.

IzEnzo 11:5

Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka ; ngehlelwa yisiyezi , ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu , yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.

IzEnzo 12:7

Bheka, yafika ingelosi yeNkosi , kwakhanya ukukhanya etilongweni , yamshaya uPetru ohlangothini , yamvusa ithi : Shesha usuk ume. Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.

IzEnzo 23:16

Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo , yafika yangena ekamu, yambikela uPawulu.

KwabaseRoma 11:10

kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo. Ngokungakholwa kuka-Israyeli insindiso yafika kwabezizwe

NgokukaJohane 6:23

kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;

NgokukaLuka 15:20

Yayisisuka, yafika kuyise ; kepha ku the isekude , uyise wayibona , waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.

NgokukaLuka 19:18

Yafika neyesibili, yathi: Umina wakho, Nkosi, uzuze omina abayisihlanu.

NgokukaMathewu 11:19

INdodana yomuntu yafika idla , iphuza; bathi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni. Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho. Ukusolwa kwemizi engaphendukanga (Luk. 10:13)

NgokukaMathewu 25:19

Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku , yalandisana nazo.

NgokukaMathewu 2:9

Seziyizwile inkosi , zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo , yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.

U-Eksodusi 14:20

Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku , ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.

U-Eksodusi 1:1

Lawa angamagama amadodana ka-Israyeli afika eGibithe noJakobe ; yileyo naleyo yafika nomuzi wayo:

U-Esteri 7:1

Yafika-ke inkosi noHamani edilini lika-Esteri inkosikazi.

UDaniyeli 2:29

Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho ; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.

UDaniyeli 7:13

Ngabona emibonweni ebusuku ; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu ; yafika komdala wezinsuku , yasondezwa phambi kwakhe.

UDaniyeli 8:6

Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili , engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla.

UGenesise 39:16

Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe.

UHezekeli 17:12

Thana kuyo indlu ehlubukayo: Anazi ukuthi lezi zinto ziyini? Yisho ukuthi: Bheka, inkosi yaseBabele yafika eJerusalema, yathatha inkosi yalo nezikhulu zalo, yabayisa kuyo eBabele.