Skip to Content

"yakhuluma"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:2

Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu , namakamela ethwele amakha , negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

1 AmaKhosi 12:14

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijoka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu ; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

2 AmaKhosi 1:9

Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: Yehla.

2 iziKronike 10:14

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijo ka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela kulo ; ubaba wanishaya ngesiswebhu , mina ngawofezela.

2 iziKronike 9:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

2 kaPetru 2:16

kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho : imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu , yanqabela ukuhlanya komprofethi.

2 uSamuweli 21:2

Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni , yakhuluma kubo , abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama -Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo ; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;

AbAhluleli 21:13

Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo.

IsAmbulo 17:1

Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,

IsAmbulo 21:9

Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.

IzEnzo 8:26

Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu , yathi: Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.

NgokukaLuka 1:70

njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo,

U-Eksodusi 1:15

Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberukazi , igama lomunye wabo linguShifira, elomunye linguPhuwa,

UDaniyeli 1:19

Inkosi yakhuluma nabo ; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya; base bemi ngaphambi kwenkosi.

UDaniyeli 1:3

Inkosi yakhuluma ku -Ashipenazi, induna yabathenwa bayo , ukuba athathe kubantwana bakwa-Israyeli abozalo lwenkosi nezikhulu, abalethe,

UDaniyeli 5:10

Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili ; inkosikazi yakhuluma yathi : Mana njalo , nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.

UDaniyeli 5:13

Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi . Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda , abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?

UDaniyeli 6:16

Yayisiyaleza inkosi , walethwa uDaniyeli , waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma , yathi kuDaniyeli : UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.

UDaniyeli 6:20

Kwathi isisondele emphandwini k uDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo ; inkosi yakhuluma , yathi kuDaniyeli : Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?

UGenesise 44:6

Yawafica, yakhuluma kuwo lawa mazwi.

UHoseya 12:4

walwa nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo; yamfumana eBethele, yakhuluma naye lapho.

UZakariya 6:8

Yayisimemeza kimi , yakhuluma kimi , yathi: Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho. Ukugcotshwa kukaJoshuwa umpristi omkhulu