"yamandla"
27 occurrences in ZUL
omunye ukwenza imisebenzi yamandla , omunye ukuprofetha , omunye ukwahlukanisa omoya , omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi , omunye ukuhumusha izilimi.
UNkulunkulu umisile abathile ebandleni , kuqala abaphostoli , okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa , nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
Bonke bangabaphostoli na ? Bonke bangabaprofethi na ? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?
Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.
Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke , nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.
abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade , basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,
Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni ; busa wena phakathi kwezitha zakho.
Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho , amadodana kaJakobe noJosefa. Sela
Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo ; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu,
Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,
Naye uSimoni wakholwa ; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.
uNkulunkulu futhi ef akaza kanye nabo ngezibonakaliso , nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo , nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe. UKristu waba mncane kunezingelosi esasebenza umsebenzi wensindiso emhlabeni
Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Umuntu uyalungisiswa ngokukholwa
Maye kuwe Korazini ! Maye kuwe Betsayida ! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini , ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.
Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo , isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,
Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni . Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?
Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi:
Maye kuwe Korazini ! Maye kuwe Betsayida ! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini , ngakube kad e yaphenduka ngesaka nangomlotha.
Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na ? Uyakwehliselwa eHayidese ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.
Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.
Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho , sakhipha amademoni ngegama lakho , senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?
UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunen e nangengalo yamandla akhe, wathi: Impela angisayikuzinika izitha zakh o amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,
Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe , izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?
Angiyikuthula ngezitho zakhe , nangendaba yamandla akhe , nangesimo sakhe esihle.
Uma kuyindaba yamandla , nangu onawo ; uma yindaba yokwahlulela , ngubani ongimemayo na?