Skip to Content

"yaphakade"

11 occurrences in ZUL

1 kaPetru 5:10

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana , yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.

1 kuThimothewu 1:17

Kuyo iNkosi yaphakade en gabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. UPawulu uyala uThimothewu ukuba alwele iqiniso levangeli

2 kuThimothewu 2:10

Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo , ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.

2 kwabaseThesalonika 2:16

Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo , noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,

AmaHubo 139:24

ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.

AmaHubo 24:7

Phakamisani, masango, izinhloko zenu ; nani minyango yaphakade , phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

AmaHubo 24:9

Phakamisani, masango, izinhloko zenu ; nani minyango yaphakade , phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

AmaHubo 74:3

Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade ; isitha sone konke endlini engcwele.

AmaHubo 77:5

Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.

UJeremiya 10:10

Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso , unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade ; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama , izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

UZefaniya 2:9

Ngalokho, kuphila kwami , usho uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma , nabantwana bakwa- Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga , nabaseleyo be sizwe sami bayakudla ifa labo.