Skip to Content

"yasejerusalema"

15 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:21

Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye: Ikudelele yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

IsiLilo 2:15

Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe , bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?

U-Isaya 10:32

Namhla nje liyema ngaseNobi , linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.

U-Isaya 37:22

nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi : Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni ; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

UDaniyeli 5:3

Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo , nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.

UJeremiya 24:8

Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo , impela kanjalo, usho kanje uJehova , ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda , nasezikhulwini zakhe , nakuyo insali yaseJerusalema , abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.

UJoshuwa 10:1

Kwathi lapho u -Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i -Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo , wayenze njalo kulo i -Ayi nenkosi yalo no kuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,

UJoshuwa 10:23

Benze njalo -ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni : inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.

UJoshuwa 10:3

Ngalokho u -Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi , nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi:

UJoshuwa 10:5

Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama -Amori, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi , nenkosi yaseLakishi , nenkosi yase - Egiloni, ahlangana, akhuphuka, wona nawo onke amabandla awo , amisa malungana neGibeyoni, alwa nalo.

UJoshuwa 12:10

inkosi yaseJerusalema: inye; inkosi yaseHebroni: inye;

UMika 4:8

Wena mbhoshongo womhlambi , negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema.

UZakariya 9:9

Thokoza kakhulu , ndodakazi yaseSiyoni ; jabula nokujabula , ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe , ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.

UZefaniya 3:14

Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.

UmShumayeli 1:1

Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.