Skip to Content

"yathatha"

16 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 1:11

Wabuye wathuma kuye enye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yathatha yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , isho kanje inkosi, ithi: Shesha wehle.

2 AmaKhosi 25:18

Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu , noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;

2 AmaKhosi 25:19

yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisihlanu kwababesebu sweni benkosi abafunyanwa emzini , nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini.

2 AmaKhosi 3:26

Yathi ibona inkosi yakwaMowabi ukuthi ukulwa kuyayahlula , yathatha abantu abangamakhulu ayisikhombisa abahosha inkemba ukufohlela enkosini yakwa-Edomi, kepha bahluleka.

2 uSamuweli 12:4

Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo , yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo , kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.

2 uSamuweli 20:3

UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema ; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu , yababeka endlini yokulindela , yabapha uk udla, kepha ayingenanga kubo . Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.

2 uSamuweli 21:8

Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka -Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti ; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u -Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati;

2 uSamuweli 8:8

Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.

UDaniyeli 4:19

Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

UDaniyeli 4:30

Inkosi yathatha yathi: Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?

UGenesise 24:22

Kwathi amakamela eseqedile ukuphuz a, indoda yathatha icici legolide , isisindo salo siyinxenye yeshekeli , namasongo amabili ezandla zayo , isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:

UHezekeli 17:12

Thana kuyo indlu ehlubukayo: Anazi ukuthi lezi zinto ziyini? Yisho ukuthi: Bheka, inkosi yaseBabele yafika eJerusalema, yathatha inkosi yalo nezikhulu zalo, yabayisa kuyo eBabele.

UHezekeli 19:5

Nxa isilindile , yabona ukuthi ithemba layo liphelile ; yathatha elinye lamawundlu ayo, yalenza ibhongo.

UJeremiya 52:24

Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;

UJeremiya 52:25

yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi , nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe , nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi.

UZakariya 3:4

Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo , yathi: Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo. Kuyena yathi : Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho ; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.