Skip to Content

"yavutha"

11 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 11:6

UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi ; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.

2 uSamuweli 12:5

Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu , wathi kuNathani : Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;

AbAhluleli 14:19

UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo , wathatha isambatho sabo , wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

AmaHubo 39:3

Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami ; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami.

UDuteronomi 4:11

Nase nisondela , nema phansi kwentaba ; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.

UDuteronomi 9:15

Ngase ngiphenduka ngehla entabeni , intaba yavutha umlilo ; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.

UNumeri 11:1

Kwathi abantu bakhonona , kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe ; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.

UNumeri 11:10

UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo , kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe ; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.

UNumeri 22:22

Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba ; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye . Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.

UNumeri 22:27

Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yalala phansi kukaBileyamu ; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe.

UNumeri 32:10

Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi: