Skip to Content

"yawa"

12 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 20:8

Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni , u-Amasa wafika ukubahlangabeza . UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

2 uSamuweli 4:4

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo . Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha , wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.

AbAhluleli 4:16

Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.

IzEnzo 20:9

Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu -Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima , uPawulu eshumayela isikhathi eside ; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.

NgokukaLuka 17:16

yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.

NgokukaLuka 6:49

Kodwa ozwayo engenzi unjengom untu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya , yawa masinyane ; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.

NgokukaLuka 8:28

Isimbona uJesu yadazuluka , yawa phansi phambi kwakhe , yathi ngezwi elikhulu: Nginamsebenzi muni nawe Jesu , Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.

NgokukaMarku 9:20

Bayiletha kuye . Kwathi umoya embona , wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.

NgokukaMathewu 18:26

Ngalokho inceku yawa phansi , yakhuleka kuyo, yathi: Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.

NgokukaMathewu 18:29

Khona inceku ekanye nayo yawa phansi , yayincenga yathi : Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.

NgokukaMathewu 7:27

Layithela imvula , kwafika izikhukhula , kwavunguza imimoya , yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!

UJobe 1:19

bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu , washaya amagumbi omane endlu , yawa phezu kwezinsizwa , zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.