Skip to Content

"yeka"

44 occurrences in ZUL

2 iziKronike 25:16

Kwathi esakhuluma naye , wathi kuye : Sikubeke umluleki wenkosi na ? Yeka, ubuyakubulawelani na? Wayeseyeka umprofethi, wathi: Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa , ngokuba wenzile lokho , ungalalelanga isiluleko sami.

2 uSamuweli 1:19

Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!

2 uSamuweli 1:25

Yeka ukuwa kwamaqhawe phakath i kokulwa! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.

2 uSamuweli 1:27

Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!

2 uSamuweli 6:20

UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.

AmaHubo 104:24

Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho ; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

AmaHubo 27:13

Yeka, uma bengingathembanga ukubo na okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

AmaHubo 31:19

Yeka ubukhulu bomusa wakh o obagodlele wona abakwesabayo , owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.

AmaHubo 37:8

Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.

AmaHubo 39:13

Yeka ukungibuka , ngize ngincibilike , ngingakamuki lapha , ngingabe ngisabakho.

AmaHubo 66:3

Yishoni kuNkulunkulu , nithi: Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho . Ngenxa yobukhulu bamandla akh o izitha zak ho ziyakuzithoba phansi kwakho.

AmaHubo 92:5

Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

IsiLilo 1:1

Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi ! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi . Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.

IsiLilo 2:1

Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyon i amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka -Israyeli emhlabeni busuke ezulwini , angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.

IsiLilo 4:1

Yeka ukufiphala kwegolid e nokuguquka kwegolide elihle ! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi.

IsiLilo 4:2

Amadodana anqabileyo aseSiyoni , elingene negolide elihle , yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!

IzAga 17:14

Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula ama nzi; ngalokho yeka inkani , ingakashisi.

IzAga 19:27

Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.

IzAga 30:13

Kukhona isizukulwane yeka ukuz idla kwaso ! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.

IzAga 5:12

ngokuthi: Yeka ukuzonda kwami ukulayw a nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

KwabaseRoma 10:15

Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.

KwabaseRoma 11:33

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

NgokukaLuka 9:60

Kepha wathi kuye : Yeka abafileyo bembele abafileyo babo , kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 27:49

Kepha abanye bathi: Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.

NgokukaMathewu 8:22

Kepha uJesu wathi kuye : Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Mark. 4:35; Luk. 8:22)

U-Isaya 14:12

Yeka ukuwa kwakho ezulwini , khwezi elikhanyayo , ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.

U-Isaya 14:4

uphakamise lesi saga n genkosi yaseBabele , uthi: Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa!

U-Isaya 1:21

Yeka umuzi othembekileyo waphenduka , waba yisifebe , wena owawugcwele ukwahlulela ! Ukulunga kwakuhlezi khona , kepha manje ababulali.

U-Obadiya 1:5

Uma ama sela efika kuwe , nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakh o bebengayikweba baze baneliswe na ? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na?

U-Obadiya 1:6

Yeka ukufunisiswa kuka -Esawu, yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!

UDaniyeli 4:3

Yeka ubuningi bezib onakaliso zakhe , namandla ezimangaliso zakhe ! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade , nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.

UGenesise 28:17

Washaywa luvalo , wathi: Yeka ukwesabeka kwale ndawo ! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.

UHezekeli 16:30

Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho , isho iNkosi uJehova , lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.

UHezekeli 26:17

Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe: Yeka ukuchitheka kwakho , wena owahlalwa ngabasolwandle , muzi odumileyo , owawunamandla olwandle , wena nabakhileyo kuwe, owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.

UJeremiya 48:17

Nina nonke enimzungezayo manimkhalele ; nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi: Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!

UJeremiya 48:39

Yeka ukuphela kwakhe amandla . Hhewulani! Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni, uMowabi abe ngohlekwayo no qeda amandla kubo bonke abamzungezayo.

UJeremiya 49:25

Yeka ukushiywa komuzi wodumo, umuzi wokuthokoza kwami!

UJeremiya 50:23

Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke , yeka ukwenziwa kweBabele incithakalo phakathi kwezizwe!

UJeremiya 51:41

Yeka ukunqotshwa kweSheshaki nokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba! Yeka ukwenziwa kweBabele isimangaliso phakathi kwezizwe!

UJeremiya 9:19

Ngokuba izwi lokukhala lizwakal a livela eSiyoni, lithi: Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu , ngokuba silishiyile izwe , ngokuba badilizile izindlu zethu.

UJoweli 1:18

Yeka, ukububula kwezilwane ! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile , ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.

UMika 2:4

Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani , bakhale isililo , bathi: Sichithiwe nokuchithwa ; isabelo sabantu bami sinikwa omunye ; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.

UZakariya 9:17

Yeka ubuhle balo ! Yeka ukubukeka kwalo ! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.

UZefaniya 2:15

Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile , owathi enhliziyweni yawo : Mina ngikhona , akakho omunye ; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane ! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa , banikine isandla sabo.