Skip to Content

"yelula"

13 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 24:16

Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha , uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

AbAhluleli 6:21

Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesan dleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; kwenyuka umlilo edwaleni , wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.

AmaHubo 144:7

Yelula isandla sakho phezulu , ungikhulule, ungophule emanzini amakhul u nasesandleni sabafokazi

NgokukaLuka 6:10

Esebaqalazile bonke wathi kuye: Yelula isandla sakho. Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe.

NgokukaMarku 3:5

Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela , edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: Yelula isandla. Waselula, saphiliswa isandla sakhe.

NgokukaMathewu 12:13

Khona wathi kulowo muntu : Yelula isandla sakho . Wayeseselula, sasinda saba njengesinye.

U-Eksodusi 10:12

UJehova wayesethi kuMose : Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.

U-Eksodusi 10:21

UJehova wayesethi kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.

U-Eksodusi 14:26

Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe , phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.

U-Eksodusi 4:4

Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho , uyibambe ngomsila . Wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe --

U-Eksodusi 8:16

UJehova wayesethi kuMose : Yisho ku -Aroni, uthi: Yelula induku yakho , ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.

U-Eksodusi 8:5

UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula , naphezu kweminonjana , naphezu kweziziba , wenyusele ezweni laseGibithe.

U-Eksodusi 9:22

Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe , phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.