Skip to Content

"yema"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:24

Esehambile waficwa yingonyama endleleni , yambulala; isidumbu sakhe santshingwa endleleni, imbongolo yema eceleni kwaso , nengonyama yema ngasesidunjini.

1 uSamuweli 6:14

Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu ; babanda inqola yaba yizinkuni , banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

2 AmaKhosi 23:3

Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.

2 iziKronike 34:31

Inkosi yema endaweni yayo , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhl iziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.

2 uSamuweli 18:4

Yayisithi inkosi kubo : Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza . Inkosi yema ngaseceleni kwesango , bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.

IsAmbulo 8:3

Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.

IsiLilo 2:4

Yansala umnsalo wayo njengesitha , yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu . Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

IzEnzo 10:30

UKorneliyu wathi : Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami ; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami,

IzEnzo 23:11

Ngobusuku obu landelayo iNkosi yema ngakuye , yathi: Yima isibindi ; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema , ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma. Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu

IzEnzo 27:41

Batheleka endaweni enolwandle nxazombili , baqhubela umkhumbi kuyo , inhloko yomkhumbi yagxumekeka , yema ingenakunyakaziswa , kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza.

NgokukaLuka 2:9

Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo , inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.

NgokukaMathewu 2:9

Seziyizwile inkosi , zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo , yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.

U-Eksodusi 14:19

Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka -Israyeli yasuka yahamba emva kwabo , nensika yefu yasuka phambi kwabo , yema emva kwabo.

U-Eksodusi 33:9

Kwathi uMose engena etendeni , insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

UDuteronomi 31:15

UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu , insika yema ngasemnyango wetende.

UHezekeli 10:18

Inkazimulo kaJehova yaphuma phezu kombundu wendlu , yema phezu kwamakherubi.

UHezekeli 11:23

Inkazimulo kaJehova yakhuphuka phakathi komuzi , yema entabeni engasempumalanga komuzi.

ULevitikusi 9:5

Baletha-ke lokho uMose aku yalayo phambi kwetende lokuhlangana , nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

UNumeri 22:22

Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba ; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye . Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.

UNumeri 22:26

Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo , lapho kwakungekho khona indlela yoku jika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.