Skip to Content

"yeminqumo"

11 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 15:30

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo , enyuka ekhala , egubuzele ikhanda , engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela , kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.

NgokukaJohane 8:1

Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo.

NgokukaLuka 19:37

Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo , isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,

NgokukaLuka 22:39

Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe , nabafundi bakhe bamlandela.

NgokukaMarku 11:1

Kwathi ukuba basondele eJerusalema , naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,

NgokukaMarku 13:3

Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli , oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,

NgokukaMarku 14:26

Kwathi sebehlabelele igama lokubonga , baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.

NgokukaMathewu 21:1

Kwathi ukuba basondele eJerusalema , sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,

NgokukaMathewu 24:3

Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini , nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?

NgokukaMathewu 26:30

Kwathi sebehlabelele igama lokubonga , baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.

UZakariya 14:4

Izinyawo zakh e ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga , kube yisigodi esikhulu kakhulu ; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.