Skip to Content

"yempuphu"

24 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:14

Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunk ulu ka -Israyeli, uthi: Imbiza yempuphu ayikuphela , nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.

1 AmaKhosi 17:16

Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.

U-Amose 5:22

Noma ninikela kimi ngeminikelo yen u yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibhek i iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.

U-Amose 5:25

Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlan e iminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?

U-Ezra 7:17

Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngale mali izinkunzi , nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho e -altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema.

U-Isaya 1:13

Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu ; impepho iyisinengiso kimi ; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangan o angivumi ububi kanye nemikhosi.

UHezekeli 45:17

Kuyakuba phezu kwesikhulu ukuni kela ngeminikelo yokushiswa , nangeminikelo yempuphu , nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini , nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa -Israyeli, silungise umnikelo wesono , nomnikelo wempuphu , nomnikelo wokushiswa , neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa - Israyeli ukubuyisana.

UJeremiya 17:26

Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.

UJeremiya 33:18

kunganqunywa futhi kubapri sti amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa , ashise iminikelo yempuphu , anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.

UJeremiya 41:5

kwafika amadoda angamashumi ayisis hiyagalombili evela eShekemi , naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe , bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.

UJoshuwa 22:23

ngokuthi sizakhele i -altare, sabuya ekumlandeleni uJehova ; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo ye minikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.

UJoshuwa 22:29

Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova , sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i -altare leminikelo yo kushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.

UJoweli 1:13

Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

UJoweli 1:9

Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

ULevitikusi 2:13

Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti ; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.

ULevitikusi 6:14

Nanku umthetho weminikelo yempuphu : amadodana ka -Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare.

ULevitikusi 6:23

Yonke iminikelo yempuphu yompristi yoshiswa yonke, ingadliwa.

ULevitikusi 7:10

Yonke iminike lo yempuphu exovwe namafutha neyomileyo iyakuba ngeyamadodana onke ka-Aroni, enye ithole njengenye.

ULevitikusi 7:37

Lowo ungumthetho weminikelo yokushiswa , noweminikelo yempuphu , noweminikelo yesono , noweminikelo yecala , nowokwahlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,

ULevitikusi 7:9

Yonke iminikelo yempuphu ephekwe eziko , nayo yonke elungiselwa okhambeni nasemqengeleni, iyakuba ngeyalo mpristi anikele ngayo.

UNehemiya 13:5

wayemlungisele ikamelo elikhulu , lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele , newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi , nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.

UNehemiya 13:9

Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.

UNumeri 18:9

Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezin gcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo , yonke iminikelo yabo yempuphu , nayo yonke iminikelo yabo yesono , nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.

UNumeri 29:39

Lokho niyakunikela ngakho kuJehova ngemikhosi yenu emisiweyo , ngaphandle kwezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle , kube yiminikelo yenu yokushiswa , neminikelo yenu yempuphu , neminikelo yenu yokuphuzwa, neminikelo yenu yokuthula.