Skip to Content

"yenceku"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:32

kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema , umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa - Israyeli

1 iziKronike 17:17

Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho , Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude , wangibuka kungathi ngi ngumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.

1 iziKronike 17:19

Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.

1 iziKronike 17:25

Ngokuba wena Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu ; ngalokho inceku yakho ifike kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho.

1 iziKronike 17:27

kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade , ngokuba okubusisile wena Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube phakade.

1 uSamuweli 17:58

USawule wathi kuye : Uyindodana kabani wena mfana na ? UDavide waphendula wathi: Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.

2 AmaKhosi 19:34

Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindis e ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.

2 AmaKhosi 20:6

Ngiyakwenezela ezinsukwini za kho iminyaka eyishumi nanhlanu , ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase -Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.

2 uSamuweli 7:19

Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude , ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.

2 uSamuweli 7:26

Malibe likhulu igama lakho kuze kube phakade ukuze kuthiwe : U Jehova Sebawoti unguNkulunkulu ka -Israyeli, indlu yenceku yakho uDavide imiswe ngaphambi kwakho.

2 uSamuweli 7:27

Ngokuba wena Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi : Ngiyakukwakhela indlu; ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.

2 uSamuweli 7:29

ngalokho-ke mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade , ngokuba wena Nkosi , Jehova, ukukhulumile; ngesibusiso sakho mayibusiswe indlu y enceku yakho kuze kube phakade.

AmaHubo 132:10

Ngenxa yenceku yakho uDavide mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.

AmaHubo 35:27

Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami ; mabathi njalonjalo: Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.

U-Isaya 37:35

Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.

U-Isaya 45:4

Ngenxa yenceku yami uJakobe , u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.

U-Isaya 65:8

Usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni , bese kuthiwa: M alingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo , kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.

UGenesise 19:2

wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.

UGenesise 26:24

UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: NginguNkulunkulu kayihlo u -Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe ; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.