"yeshumi"
22 occurrences in ZUL
Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kw akunguHelidayi waseNethofa ka -Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amatha thu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe , waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,
U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi , eyinyanga kaThebeti , ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.
ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka -Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo , lapho kusond ela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.
Kepha abathunjwa benze njalo . Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise , bonke ngamagama ; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.
Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo , yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte ne-oki okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,
Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi . Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.
Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:
Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
Kwathi ngomnyaka weshumi nambili , ngenyanga yeshumi nambili , ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
Kwathi ngomnyaka weshu mi nambili wokuthunjwa kwethu , ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga , kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: Umuzi unqotshiwe.
namafutha anqunyiweyo , ibhati lamafutha : inxenye yeshumi yebhati lekhori elingamabhati ayishumi njengehomere , ngokuba amabhati ayishumi ayihomere,
Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , nempi yakhe yonke eJerusalema , walivimbezela;
Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi nambili , ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,
Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomny aka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi: