Skip to Content

"yesivumelwano"

6 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 13:23

Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo , wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no -Abrahama no -Isaka noJakobe , akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.

2 AmaKhosi 23:2

Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 23:21

Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi : Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.

2 iziKronike 21:7

Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

2 iziKronike 34:30

Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

U-Eksodusi 24:7

Wathatha incwadi yesivumelwano , wayifunda ezindlebeni zabantu ; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.