Skip to Content

"yesono"

12 occurrences in ZUL

AmaHubo 38:3

Akukho ukuphila enya meni yami ngenxa yentukuthelo yakho ; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

KumaHeberu 10:18

Kepha lapho kukhona ukuthe thelelwa kwalokho , akusadingeki ukunikela ngenxa yesono. Umyalo wokukholwa nokuthembeka

KumaHeberu 10:6

Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga.

KwabaseRoma 6:10

Ngokuba ukufa , afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono ; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.

KwabaseRoma 6:23

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 8:10

Uma uKristu ekini , umzimba ufile ngenxa yesono , kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.

KwabaseRoma 8:3

Ngokuba lokho okwehlula umthetho , ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,

ULevitikusi 6:25

Yisho ku -Aroni nakumadodana akhe , uthi: Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa , mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele.

ULevitikusi 7:37

Lowo ungumthetho weminikelo yokushiswa , noweminikelo yempuphu , noweminikelo yesono , noweminikelo yecala , nowokwahlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,

ULevitikusi 9:15

Wayeseletha umnikelo wabantu , wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.

UMika 6:7

UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqam a nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na ? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

UNumeri 18:9

Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezin gcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo , yonke iminikelo yabo yempuphu , nayo yonke iminikelo yabo yesono , nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.