Skip to Content

"yezandla"

24 occurrences in ZUL

2 iziKronike 34:25

ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo ; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.

AmaHubo 111:7

Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela ; imithetho yonke yakhe iqinile;

AmaHubo 138:8

UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

AmaHubo 8:6

Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho ; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

IsAmbulo 9:20

Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide , nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,

IsiLilo 3:64

Uyakubaphindisela, Jehova, ngokwemisebenzi yezandla zabo.

IsiLilo 4:2

Amadodana anqabileyo aseSiyoni , elingene negolide elihle , yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!

IzAga 12:14

Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe , nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye.

IzEnzo 7:41

Benza ithole ngaleyo mihla , baletha umhlatshelo e sithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo.

KumaHeberu 2:7

Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.

UDuteronomi 31:29

Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona , niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova , nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.

UDuteronomi 33:11

Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.

UGenesise 5:29

Waqamba igama layo ngokuthi uNowa , ethi: Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.

UHagayi 1:11

Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe , naphezu kwezintaba , naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha , naphezu kwamafutha , naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.

UHagayi 2:14

Wayesethatha uHagayi , wathi: Banjalo laba bantu , sinjalo lesi sizw e ngaphambi kwami , usho uJehova ; injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.

UHagayi 2:17

Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.

UHoseya 14:3

I-Asiriya aliyikusisindisa , asisayikukhwela amahhashi , singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu , ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.

UJeremiya 1:16

Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.

UJeremiya 25:14

Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.

UJeremiya 25:6

ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze , nikhuleke kubo , ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.

UJeremiya 25:7

Kepha aningi lalelanga, usho uJehova , naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.

UJeremiya 32:30

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa- Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.

UJeremiya 44:8

ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe , lapho niyile khona ukugogobala , ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba , na?

UMika 5:13

Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziwey o nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.