Skip to Content

"yezono"

23 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:30

ngenxa yezono z ikaJerobowamu ona ngazo , futhi onisa ngazo u -Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

1 AmaKhosi 16:13

ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika -Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u -Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka- Israyeli ngezithombe zabo.

1 AmaKhosi 16:19

ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova , ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.

1 kaPetru 4:8

kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo , ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;

1 kwabaseKorinte 15:3

Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami uk uthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,

2 AmaKhosi 12:16

Imali yeminikelo yamacala , nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi. UHazayeli uhlasela iJerusalema

2 AmaKhosi 24:3

Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo,

IsiLilo 4:13

Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi bal o ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.

KumaHeberu 10:12

kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

KumaHeberu 10:8

Eseshilo ngasenhla uku thi: Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga , awuyithokozelanga, eyona ilethwa ngokomthetho,

KumaHeberu 13:11

Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu.

KumaHeberu 2:17

Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke , ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu , kube yinhlawulo yezono zabantu.

KumaHeberu 5:1

Ngokuba y ilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu , ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

KumaHeberu 9:7

kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka , kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,

KwabaseGalathiya 1:4

owazinikela ngenxa yezono zethu , ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;

U-Ezra 9:7

Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu ; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni , nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.

UDaniyeli 9:16

Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini wa seJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.

UHezekeli 16:51

ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho ; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.

UJeremiya 17:3

Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

ULevitikusi 16:34

Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa - Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.

UMika 6:13

Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya , ngikuchithe ngenxa yezono zakho.

UNehemiya 10:33

eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke , neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo , neyezinto ezingcwele , neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka -Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.

UNehemiya 9:37

Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu ; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu. Abantu benza isivumelwano noNkulunkulu