Skip to Content

"yilezo"

7 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:2

Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo , ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku.

1 iziKronike 26:19

Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.

NgokukaMathewu 15:20

Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu ; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu. Owesifazane waseKhanani (Mark. 7:24)

ULevitikusi 11:31

Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo ; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

UNumeri 30:16

Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo , naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.

UNumeri 7:3

Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova , izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.

UZakariya 8:17

ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga , ngokuba lezo zinto yilezo engizizondayo, usho uJehova.