"yincithakalo"
55 occurrences in ZUL
ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.
Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.
Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.
Udilizile zonke izindonga zakhe , wazenza i zinqaba zakhe zaba yincithakalo.
Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya pha mbi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.
Bheka, izwe lamaKaledi , leso sizwe esingasekho , esanqunyelwa yi -Asiriya izilwane zasehlane, limisa imibhoshongo, lizenza ize izindlu zaso zamakhosi , lenza laba yincithakalo.
Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba , nomuzi obiyelweyo wab a yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi , ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.
Ngiyakusenza sibe yincithakalo ; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva ; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.
UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.
Imizi ehlalwayo iyakuchithwa , izwe libe yincithakalo , nazi ukuthi nginguJehova.
Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo , ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane,
noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.
Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo , ngokuba benze isiphambeko , isho iNkosi uJehova.
Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi a mane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.
Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane , bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, mina ngiwenzile.
Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane , izwe elingasenokugcwala kwalo , lapho ngibulala bonke abakhe kulo , khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.
Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.
Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.
Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa -Israyeli ngokuthi : Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.
Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane , wena ube yincithakalo , wazi ukuthi nginguJehova.
Izwe e laliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo.
Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo.
Ngiyakuselulela kubo isandla sami, ngenze izwe libe yincithakalo nokuyize kunehlane laseDibila kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala , bazi ukuthi nginguJehova.
Ama-altare enu ayakuba yincithakalo, kwaphulwe ama-altare enu empepho, ngilahle ababuleweyo benu phambi kwezithombe zenu.
Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa , izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama -altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele , ama-altare enu empepho abhidlizwe , imisebenzi yenu ihlangulwe.
U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa , ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.
Bheka, kusondela izwi lombiko , nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.
Kepha uma ningalaleli lawa mazwi , ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.
Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso , nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
Kuyakuthi la pho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile , ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso , usho uJehova , ngobubi babo , kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.
iJerusalema nemizi yakwaJuda , namakhosi alo , nezikhulu zalo , ukuba ngikwenze kube yincithakalo , nesimangaliso, nento encimfelwayo , nesiqalekiso njenganamuhla;
UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda , wathi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.
Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kw akhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.
Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomli lo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.
Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema , kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.
Zenzele izinto zokuthunjwa , ndodakazi, ohlala eGibithe , ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo, lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.
Kusukela eHeshiboni elikhalay o liyezwakalisa ukukhala kwal o kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.
Nikani uMowabi amaphiko , ngokuba uyakundiza , aphume; imizi yakhe iyakuba yincithakalo, kungabikho osahlala kuyo.
Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wemp i ngeRaba labantwana bakwa -Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo , u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe, usho uJehova.
Ngokuba uJehova usho kanje , uthi: Izwe lonke liyakuba yincithakalo , kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.
Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo , umchithi wezizwe uyeza ; uphumile endaweni yakh e ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo , ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.
Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu , kepha liyakuba yincithakalo lonke ; bonke abadlula eBabele bayakumangala , bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.
Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka , kuhambe.
Abayikuthatha kuw e itshe legumbi netshe lesisekelo , ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade, usho uJehova.
Umhlaba uyathuthumela , uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele em i okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo , kuze kungabikho ohlala khona.
Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti , ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.
IGibithe liyakuba yincithakalo , u-Edomi abe yihlane lencithakal o ngenxa yendluzula e yenziwe kubantwana bakwaJuda , ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.
Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa , ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo ; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwen u olumnandi.
Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni , ngihoshe inkemba emva kwenu , izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.
Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa , nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo , nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo , ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.
Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.
Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.
Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga . Izwe selichithekile emva kwabo , ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo , ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.
Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho , achithe i -Asiriya, alenze iNineve libe yincithakalo, lome njengehlane.
Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo ; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe.