Skip to Content

"yingebhe"

12 occurrences in ZUL

U-Esteri 8:17

Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , abaJuda babe nokuthokoza nokujabula , nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda , ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.

U-Esteri 9:2

AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi ukuba babek e izandla kulabo ababefuna ukubalimaza ; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.

U-Esteri 9:3

Zonke izikhulu zezifunda , nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.

U-Isaya 17:14

Ngesikhathi sokuhlwa , bheka, yingebhe; kungakasi azisekho . Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.

U-Isaya 19:17

Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe ; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.

UDuteronomi 28:25

UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezi tha zakho , uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo , ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.

UHezekeli 23:46

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakubenyusela isixuku , ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.

UJeremiya 24:9

Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba , babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.

UJeremiya 29:18

Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,

UJobe 13:21

masingasondeli kimi isandla sakho, ngingethuswa yingebhe ngawe.

UJobe 20:25

Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe ; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.

UJobe 4:14

ngafikelwa yingebhe nokuthuthumel a okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.