"yisimangaliso"
6 occurrences in ZUL
Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.
Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo ; bonke abadlula khona bayakumangala , bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho , usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele , inceku yami , ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo , naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo , nencithakalo ephakade.
Ngokuba ngizifungile, usho uJehova, ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.
U-Edomi uyakuba yisimangaliso , kumangale yilowo nalowo odlula kuye , ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku , kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na ? usho uJehova Sebawoti.