Skip to Content

"yokuqala"

43 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:15

Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo ; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.

1 iziKronike 24:7

Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,

1 iziKronike 25:9

Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka -Asafa, neyesibili uGedaliya ; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;

1 iziKronike 27:2

Phezu k wesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

1 iziKronike 27:3

Wayengowabantwana bakwaPheresi , inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala.

1 iziKronike 6:54

Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu awo emikhawulweni yawo: amadodana ka -Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala

2 iziKronike 29:17

Baqala ukungcwelisa ngolokuqala lwenyanga yokuqala ; ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga bafika emphemeni kaJehova , bayingcwelisa indlu kaJehova ngezinsuku eziyisishiyagalombili ; ngosuku lweshumi nesithupha lwenyanga yokuqala baqeda.

2 iziKronike 29:3

Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.

2 iziKronike 35:1

UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema ; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

AmaHubo 84:6

Bedabula imfunda yezinyembez i bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

EkaJakobe 5:7

Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu , ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.

IzEnzo 1:1

Incwadi yokuqala ngayiloba , Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa,

Kwabase-Efesu 4:22

ukuba nikhumule umuntu o mdala ongowenkambo yokuqala , owonakala ngezinkanuko zenkohliso,

U-Eksodusi 12:18

Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo , kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.

U-Eksodusi 12:2

Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga , ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.

U-Eksodusi 40:17

Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili , ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.

U-Eksodusi 40:2

Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele letende lokuhlangana.

U-Esteri 3:12

Kwase kubizwa abalobi benkosi nge nyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo , kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi , nababusi ababephethe izifunda ngezifunda , nezikhulu zezizwe ngezizwe , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolim i lwazo ; kwalotshwa egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.

U-Esteri 3:7

Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u -Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla i zinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.

U-Ezra 10:17

Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.

U-Ezra 3:12

Abaningi babapristi namaLevi , nezinhloko zawoyise , abadala ababeyibonile indlu yokuqala , bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu pham bi kwamehlo abo ; abaningi bakhamuluka ngentokozo,

U-Ezra 6:19

Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

U-Ezra 7:9

Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJer usalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,

U-Ezra 8:31

Sase sisuka emfuleni i -Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusa lema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu , wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.

UDaniyeli 10:4

Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala , ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,

UDaniyeli 8:21

Impongo iyinkosi yaseJavini ; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala.

UDuteronomi 11:14

ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo , imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho , newayini lakho, namafutha akho.

UDuteronomi 24:4

indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe , ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova ; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.

UGenesise 8:13

Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emh labeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.

UHezekeli 29:17

Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 30:20

Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 45:18

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenyanga yokuqala , ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi , iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.

UHezekeli 45:21

Ngenyanga yokuqala , ngosuku lweshumi nane lwenyanga , niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa , kudliwe isinkwa esingenamvubelo.

UHoseya 2:7

Uyakulandela izithandwa zakhe , kepha akayikuzifica ; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni ya mi yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.

UJoshuwa 21:10

yaba ngeyabantwana bakwa -Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi ; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.

UJoshuwa 4:19

Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala , bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.

UJoweli 2:23

Jabulani, bantwana baseSiyoni , nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu , ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga , unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.

ULevitikusi 4:21

Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu , ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.

UNumeri 20:1

Abantwana bakwa -Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala ; abantu bahlala eKadeshi ; uMiriyamu wafela khona , wembelwa khona futhi. Amanzi aseMeriba

UNumeri 33:3

Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa - Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni a bo bonke abaseGibithe,

UNumeri 9:1

UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:

UNumeri 9:5

Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

UZakariya 6:2

Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu , nasenqoleni yesibili amahhashi amnyama,