Skip to Content

"zakuqala"

17 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:14

Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,

KumaHeberu 10:32

Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko,

U-Isaya 41:22

Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka ; izinto zakuqala ziyini na ? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.

U-Isaya 42:9

Izinto zakuqala zifikile , sengimemezela izinto ezintsha ; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona. Ihubo elisha

U-Isaya 43:18

Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo.

U-Isaya 43:9

Izizwe zonke mazibuth elwe ndawonye, abantu bonke babuthane ; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu , asizwise izinto zakuqala ; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: Kuyiqiniso.

U-Isaya 46:9

Khumbulani izinto zakuqala zamandulo , ngokuba nginguNkulunkulu , akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami,

U-Isaya 48:3

Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo , zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.

U-Isaya 61:4

Bayakwakha izincithakalo ezindala , bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo , izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.

U-Isaya 63:11

Abantu bakhe base bekhumbul a izinsuku zakuqala zikaMose , bathi: Uphi yena owabakhipha elwandl e kanye nabelusi bomhlambi wakhe , na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,

U-Isaya 63:9

Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye , ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukel a kwakhe wabahlenga , wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.

U-Isaya 65:16

ukuze kuthi ozibusisa emhlaben i azibusise kuNkulunkulu weqiniso , nofunga emhlabeni , afunge uNkulunkulu weqiniso , ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami. Izulu elisha nomhlaba omusha

U-Isaya 65:17

Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha ; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.

UJobe 29:2

Sengathi ng a nginjengasezinyangeni zakuqala , njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

UJobe 8:8

Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala , uzibhekise lokho abakuphenyile yo oyise bazo,

UNumeri 6:12

Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe , alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.

UZakariya 8:11

Kepha angisayikuba njalo kuyo insali yalaba bantu njengasezinsukwini zakuqala, usho uJehova Sebawoti.