Skip to Content

"zakwajuda"

23 occurrences in ZUL

2 iziKronike 12:5

Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki , wathi kubo: Usho kanje uJehova, uthi: Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.

2 iziKronike 17:10

Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati.

2 iziKronike 21:11

Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.

2 iziKronike 22:8

Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka -Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka -Ahaziya abab ekhonza u -Ahaziya; wababulala.

2 iziKronike 24:17

Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda , zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela.

2 iziKronike 27:4

Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda ; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.

AmaHubo 68:27

Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

U-Amose 2:4

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthe tho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe , namanga abo abadukisile , abawalandelayo nawoyise.

U-Ezra 4:1

Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli,

UHoseya 5:10

Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

UJeremiya 24:1

UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiw ane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova , uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi , nabakhandi, wabasusa eJerusalema , wabayisa eBabele.

UJeremiya 26:10

Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto , zakhuphuka endlini yenkosi , zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.

UJeremiya 29:2

sebesukile uJekoniya inkosi , nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema , nezinyanga zomsebenzi , nabakhandi eJerusalema,

UJeremiya 34:19

ngisho izikhulu zakwaJuda , nezikhulu zaseJerusalema , nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole,

UJeremiya 50:20

Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi , usho uJehova , kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa , ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.

UJeremiya 52:10

Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.

UJoshuwa 11:21

UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi , wanquma ama -Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda , nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.

UJoshuwa 20:7

Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali , neShekemi ezintabeni zakwa -Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.

UJoshuwa 21:11

Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.

UMika 1:5

Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?

UNehemiya 11:36

KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.

UNehemiya 12:31

Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda , ngabeka izigaba ezimbili ez inkulu ezabongayo , zahlaba ihele ; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;

UNehemiya 12:32

emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda,