Skip to Content

"zamakhulu"

18 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 22:7

USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,

2 AmaKhosi 11:10

Umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaJehova.

2 AmaKhosi 11:15

UJehoyada, umpristi, wayala izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo : Mkhipheni endlini , nimngenise phakathi kwezinhla ; omlandelayo nimbulale ngenkemba ; ngokuba umpristi wathi : Makangabulawa endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 11:19

Wayesethatha izinduna zamakhulu , namaKhari, nabalindi, nabo bonke abantu bezwe ; bayehlisa inkosi endlini kaJehov a, baya endlini yenkosi ngendlela yesango labalindi. Yahlala esihlalweni sobukhosi.

2 AmaKhosi 11:4

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari nezabalindi , wazingenisa kuye endlini kaJehova , wenza isivumelwano nazo , wazifungisa endl ini kaJehova , wazibonisa indodana yenkosi.

2 AmaKhosi 11:9

Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.

2 iziKronike 23:1

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa , wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu , no-Ishmayeli indoda na kaJehohanani, no-Azariya indodana ka -Obede, noMahaseya indodana ka - Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.

2 iziKronike 23:14

UJehoyada wayesezikhipha izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo : Mkhipheni endlini , nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba ; ngokuba umpristi wathi : Ningambulali endlini kaJehova.

2 iziKronike 23:20

Wazithatha izinduna zamakhulu, nabakhulu, nababusi babantu, nabo bonke abantu bezwe, wayehlisa inkosi endlini kaJehova , bafika ngesango lasenhla endlini yenkosi, bayibeka inkosi esihlalweni sobukhosi sombuso.

2 iziKronike 23:9

UJehoyada umpristi wani kela ezinduneni zamakhulu imikhonto namahawu nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaNkulunkulu.

2 iziKronike 25:5

Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu , oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka en gamashumi amabili kuya phezulu , wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.

2 uSamuweli 18:1

UDavide wabala abantu ababe naye , wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.

U-Eksodusi 18:21

Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu , amadoda athembekileyo , azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo , abe yizinduna zezinkulungwane , nezinduna zamakhulu , nezinduna zamashumi ayisihlanu , nezinduna zamashumi.

U-Eksodusi 18:25

UMose wakhetha amadoda an amandla phakathi kuka -Israyeli wonke , wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu , izinduna zezinkulungwane , nezinduma zamakhulu , nezinduna zamashumi ayisihlanu , nezinduna zamashumi.

UDuteronomi 1:15

Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu , amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu : izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu , nezinduna zamashumi ayisihlanu , nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.

UNumeri 31:14

UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla , izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.

UNumeri 31:48

Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla , izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:

UNumeri 31:52

Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova , elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu , lalingamashekeli ayizinkulungwane ezi yishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.