Skip to Content

"zathi"

78 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:23

Izinceku zenkosi yama -Aramu zathi kuyo : Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba , ngalokho basahlula ; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula.

1 AmaKhosi 20:31

Kepha izinceku zakhe zathi ku ye: Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa ; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu , siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.

1 AmaKhosi 20:32

Zase zibhinca izindw angu zamasaka ezinkalweni zazo , nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: Ake ungiyeke , ngiphile. Yayisithi: Usekhona na ? Ungumfowethu yena.

1 AmaKhosi 20:5

Kepha izithunywa zabuya , zathi: Usho kanj e uBeni Hadadi , uthi: Ngathumela kuwe , ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho , nawomkakho, nabantwana bakho,

1 AmaKhosi 22:32

Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Impela lo uyinkosi yakwa -Israyeli. Zase ziphambuka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza.

1 iziKronike 12:19

Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide , lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule , kepha abawasizanga , ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa , zathi: Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule , amakhanda ethu abe sengozini.

1 iziKronike 19:3

Kepha izikhulu zabantwana bakwa -Amoni zathi kuHanuni : Imbala ngokubona kwakho u thume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na ? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi , ziwuchithe, ziwuhlole, na?

1 uSamuweli 16:15

Izinceku zikaSawule zathi kuye : Bheka-ke, umoya omubi ov ela kuNkulunkulu ukuzumile.

1 uSamuweli 18:24

Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: Wakhuluma kanjalo uDavide.

1 uSamuweli 21:11

Izinceku zika -Akhishi zathi kuye : Lo akasiye uDavide , inkosi yezwe , na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye , besina bethi : USawule ubulele izinkulungwane zakhe , kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na?

1 uSamuweli 25:40

Izinceku zikaDavide sezifikile ku -Abigayili eKarmeli , zakhuluma kuye , zathi: UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.

1 uSamuweli 28:7

Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe : Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye. Izinceku zakhe zathi kuye: Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.

1 uSamuweli 29:4

Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?

2 AmaKhosi 1:6

Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.

2 AmaKhosi 1:8

Zathi kuye : Umuntu wayenengubo yoboya, ebhince ibhande lesikhumba okhalweni lwakhe. Wathi: Bekungu-Eliya waseThishibi.

2 AmaKhosi 5:13

Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu , ngabe ungayenzanga na ? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: Geza, uhlambuluke, na?

2 AmaKhosi 9:12

Kepha zathi : Amanga; ake usitshele . Wayesethi: Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: U sho kanje uJehova , uthi: Sengikugcobile ube yinkosi kwa- Israyeli.

2 AmaKhosi 9:13

Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi.

2 iziKronike 18:31

Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Yena uyinkosi yakwa -Israyeli; zase ziphenduka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.

2 uSamuweli 10:3

Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?

2 uSamuweli 12:18

Kwathi ngosuku lwes ikhombisa umntwana wafa . Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile , ngokuba zathi : Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye , akalalelanga izwi lethu ; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.

2 uSamuweli 12:19

Kepha uDavide ebona uk uthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana , uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile ; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe : Usefile umntwana na? Zathi: Ufile.

2 uSamuweli 15:15

Izinceku zenkosi zathi enkosini : Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu , inkosi bheka, nazi izinceku zakho.

2 uSamuweli 17:20

Zase zifika izinceku zika -Abisalomu kowesifazane endlini , zathi: Baphi o - Ahimahasi noJonathani na ? Owesifazane wathi kuzo : Bawuwele umfudlana. Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.

2 uSamuweli 5:1

Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni , zasho zathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.

AbAhluleli 1:24

Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini , zathi kuye: Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.

AbAhluleli 20:12

Izizwe zakwa-Israyeli zathuma abantu emindenini yonke yakwaBenjamini , zathi: Ububi buni lobu obenziwe phakathi kwenu na?

AbAhluleli 3:24

Nxa esephumile yena , kwafika izinceku zakhe ; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.

AbAhluleli 7:20

Izigaba zontathu zabetha amacilongo , zaphohloza izitsha , zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngez andla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: Inkemba kaJehova nekaGideyoni!

AbAhluleli 8:6

Izikhulu zaseSukoti zathi: Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe impi yakho isinkwa na?

AmaHubo 74:8

Zathi enhliziyweni yazo : Masibachithe kanyekanye , zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.

IsAmbulo 5:14

Nezidalwa ezine zathi: Amen, namalunga awa phansi, akhuleka.

IsAmbulo 7:11

Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi , zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:

IzEnzo 14:11

Kwathi-ke izixuku zikubona l okho akwenzile uPawulu , zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.

IzEnzo 16:35

Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: Bakhulule labo bantu.

IzEnzo 17:28

Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye , njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.

IzEnzo 5:23

zathi: Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga muntu ngaphakathi.

NgokukaJohane 20:13

Zona-ke zathi kuye: Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.

NgokukaJohane 4:51

Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.

NgokukaJohane 4:52

Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono ; khona zathi kuye : Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.

NgokukaJohane 7:46

Izikhonzi zaphendula zathi : Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.

NgokukaLuka 3:10

Izixuku zambuza zathi: Pho, sizakwenzani na?

NgokukaMathewu 12:23

Zase zimangala kakh ulu izixuku zonke , zathi: Lo asiyo indodana kaDavide na?

NgokukaMathewu 13:27

Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?

NgokukaMathewu 13:28

Wathi kuzo : Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha . Izisebenzi zathi kuye : Uthanda ukuba siye ukulubutha na?

NgokukaMathewu 14:13

Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

NgokukaMathewu 18:31

Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenz ekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo.

NgokukaMathewu 20:30

Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendlelen i; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula , zamemeza zathi : Nkosi, Ndodana kaDavide , sihawukele!

NgokukaMathewu 20:33

Zathi kuye: Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.

NgokukaMathewu 21:11

Izixuku zathi: Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile. Ukuhlanzwa kwethempeli (Mark. 11:15; Luk. 19:45)

NgokukaMathewu 21:9

Izixuku ezazihamba pha mbili nezazimlandela zamemeza zathi : Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide ! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi . Hosiyana kweliphezulu!

NgokukaMathewu 25:11

Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, nkosi, sivulele.

NgokukaMathewu 25:9

Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.

NgokukaMathewu 2:10

Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.

NgokukaMathewu 9:27

Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: Sihawukele, ndodana kaDavide!

NgokukaMathewu 9:28

Esengenile endlini , izimpumputhe zeza kuye . UJesu wathi kuzo : Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na? Zathi kuye: Yebo, Nkosi.

NgokukaMathewu 9:33

Idemoni selikhishiwe , isimungulu sakhuluma . Izixuku zamangala , zathi: Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.

U-Eksodusi 10:7

Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye : Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?

U-Eksodusi 5:15

Zase zifika izinduna zabantwana bakwa -Israyeli, zakhala kuFaro , zathi: Uziphathelani izinceku zakho kanje na?

U-Eksodusi 5:21

Zathi kubo : UJehova makanibheke , ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emeh lweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe , nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.

U-Esteri 6:5

Zathi-ke izinceku zenkosi kuyo: Bheka, uHamani umi egcekeni. Yathi inkosi: Makangene.

U-Ezra 4:2

zasondela kuZerubabele nakuzo izinhloko zawoyise , zathi kubo : Masakhe nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani , sinikela kuye kwasemihleni ka-Esari Hadoni inkosi yase-Asiriya owasikhuphulela lapha.

U-Ezra 9:1

Kwathi sekuphelile lokho , izikhulu zasondela kimi , zathi: Abantu bakwa- Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.

UGenesise 19:15

Kusantwela iz ingelosi zamsheshisa uLoti , zathi: Vuka uthathe umkakho , namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.

UGenesise 19:2

wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.

UGenesise 26:32

Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika -Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: Sitholile amanzi.

UGenesise 32:6

Izithunywa zabuyela kuJakobe , zathi: Safika kumfowenu u -Esawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.

UJeremiya 36:14

Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki , zathi: Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho , uze nawo . UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.

UJeremiya 36:15

Zathi kuye : Ake uhlale phansi , ufunde ezindlebeni zethu . UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo.

UJeremiya 36:16

Kwathi lapho sezizwile onke amazwi , zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso , zathi kuBaruki : Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi.

UJeremiya 36:17

Zambuza uBaruki, zathi: Ake usitshele ukuthi wawaloba kanjani onke lawa mazwi, uwathatha emlonyeni wakhe, na?

UJeremiya 42:2

zathi kuJeremiya umprof ethi: Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho , unxusele yonke le nsali , ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi , njengalokhu amehlo akho ekubona nje,

UJeremiya 5:12

Zimphikile uJehova, zathi: Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.

UJoshuwa 3:3

Zayala abantu, zathi: Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala , niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.

UNumeri 22:14

Izikhulu zakwaMowabi zasuka , zaya kuBalaki , zathi: UBileyamu uyala ukufika nathi.

UNumeri 22:16

Zafika kuBileyamu, zathi kuye: Usho kanje uBalaki indodana kaSipori, uthi: Ake ungavinjwa lutho ukuza kimi,

UNumeri 31:48

Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla , izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:

UNumeri 36:2

zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa -Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho ; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.