Skip to Content

"zesiliva"

49 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:25

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

1 iziKronike 28:14

nangegolide isisindo segolide lezinto zo nke zezinkonzo ngezinkonzo , nangezinto zonke zesiliva isisindo sazo, zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo;

1 iziKronike 28:15

nangesisindo sezinti zezibani zegolide kanye nezibani zazo zegolide , nesisindo salolo nalolo luthi lwesibani kanye nezibani zalo , nangesezinti zesiliva isisindo sothi kanye nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi;

2 AmaKhosi 12:13

Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva , nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide , nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,

2 AmaKhosi 6:25

Kwaba khona indlala enkulu eSamar iya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.

2 iziKronike 21:3

Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda , kepha umbuso wawunika uJehoramu , ngokuba wayeyizibulo.

2 iziKronike 32:27

UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu , wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu , nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,

2 iziKronike 9:24

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

2 uSamuweli 18:11

UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo : Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona , awele phansi , na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.

2 uSamuweli 18:12

Wathi-ke umuntu kuJowabe : Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami , nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: Yilondeni insizwa u-Abisalomu.

2 uSamuweli 8:10

uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa , ngokuba yayilwile noHadadezeri , yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi ; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.

AbAhluleli 16:5

Amakhosi amaFilisti enyukela kuye , athi kuye : Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe , simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.

AbAhluleli 17:10

UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.

AbAhluleli 17:2

Yena wathi kunina : Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha. Unina wathi: Mayibusiswe nguJehova indodana yami.

AbAhluleli 17:3

Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ; unina wathi: Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami , libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo ; manje ngiyakulibuyisela kuwe.

AbAhluleli 17:4

Kepha walibuyisela isiliva kunina , unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva , wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.

AmaHubo 68:30

Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva ; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.

IzAga 25:11

Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyis o linjengama-apula asezitsheni zesiliva.

IzEnzo 19:19

Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

NgokukaLuka 15:8

Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi , uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye , angokheli isibani , ashanele indlu , afunisise, aze aluthole?

NgokukaMathewu 26:15

wathi: Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na? Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.

NgokukaMathewu 27:3

Khona uJu da owamkhaphelayo , ebona ukuthi ulahliwe , wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga,

NgokukaMathewu 27:5

Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.

NgokukaMathewu 27:6

Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva , bathi: Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.

NgokukaMathewu 27:9

Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu , inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;

U-Eksodusi 11:2

Khuluma manje ezin dlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe , yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.

U-Eksodusi 12:35

Abantwana bakwa-Israyeli benza -ke njeng ezwi likaMose ; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.

U-Eksodusi 26:25

Kuyakuba ngamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe nezinyawo ezimbili phansi kwelinye.

U-Eksodusi 26:32

ulilengise ezinsikeni ezine zomtholo ezinamekwe ngego lide, izingwegwe zazo zibe yigolide, zime ezinyaweni ezine zesiliva.

U-Eksodusi 36:24

Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , ezemisuka yalo emibili.

U-Eksodusi 36:26

nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.

U-Eksodusi 36:30

Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.

U-Eksodusi 36:36

Wasenzela izinsi ka ezine zomtholo , wazinameka ngegolide ; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva.

U-Eksodusi 3:22

kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.

U-Ezra 1:10

nezindebe ezingamashumi amathathu zegolide , nezindebe zesiliva zohlobo lwesibili ezingamakhulu amane neshumi, nezinye izitsha eziyinkulungwane.

U-Ezra 1:6

Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva , nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.

U-Ezra 1:9

Nanku umumo wazo : izingqwembe ezingamashumi amatha thu zegolide , nezingqwembe eziyinkulungwane zesiliva , nawomese abangamashumi amabili nesishiyagalolunye,

U-Ezra 8:26

ngalinganisela ezandleni zabo amatalenta angamakhulu a yisithupha namashumi ayisihlanu esiliva , namatalenta ayikhulu ayizitsha zesiliva , namatalenta ayikhulu egolide,

U-Isaya 30:22

Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide ; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: Suka lapha.

U-Isaya 31:7

Ngokuba ngalolo suku bayakulahla , kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

U-Isaya 7:23

Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezi nhlamvu eziyinkulungwane zesiliva , ibe ngeyamakhakhasi nameva.

UDaniyeli 11:8

Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba , akuyise eGibithe , ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.

UGenesise 24:53

Inceku yakhipha izinto zesiliva n ezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.

UGenesise 45:22

Kubo bonke , kwaba yilowo nalowo , wanika izingubo zokuphendulela ; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela.

UHoseya 3:2

Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva , nangehomere lebhali, nangenxenye yehomere lebhali,

UHoseya 9:6

Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithwen i iGibithe liyakubabutha , iMofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane , kube ngameva ematendeni abo.

UNumeri 7:84

Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa -Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva , nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,

UZakariya 11:12

Ngase ngithi kuzo: Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani. Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.

UZakariya 11:13

Wathi kimi uJehova : Ziphonse kumbumbi, inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo . Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva , ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.