Skip to Content

"zezandla"

7 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 5:4

Sebevukile kusasa ekuseni , bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova ; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini ; kwasala isidumbu sakhe kuphela.

2 AmaKhosi 9:35

Baya ukummbela , kepha abafumananga lutho kuye , kuphela inhloko , nezinyawo, nezintende zezandla.

AmaHubo 143:5

Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo , ngizindla ngemisebenzi yakho yonke , ngicabange ngezenzo zezandla zakho.

IzAga 31:31

Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

U-Isaya 3:11

Maye komubi ! Kuyakuba kubi kuye , ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.

U-Isaya 5:12

Ihabu nogubhu , isigubhu negenkle , newayini kukhona emadilini abo , kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.

UDaniyeli 10:10

Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.