"zikankulunkulu"
41 occurrences in ZUL
Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu ; sukani nakhe indlu en gcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.
Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka -Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.
Abafowabo, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa , izinhloko zawoyise , ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.
Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa -Israyeli, ibandla likaJehova , nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle , nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.
njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.
kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe , yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.
Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani , kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu -Amen futhi , kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.
kepha kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni,
Bonke abantu bayashaywa luvalo ; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.
Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu ; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
Izinqola zikaNkulunkulu ziyizink ulungwane ezingamashumi amabili , izinkulungwane nezinkulungwane ; iNkosi iphakathi kwazo ; iSinayi lisendaweni engcwele.
Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami, ziya endlini engcwele.
Zathi enhliziyweni yazo : Masibachithe kanyekanye , zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.
yathi: Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.
Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi ; umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.
Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi : Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu , ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane;
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na ? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa , ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.
Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela ; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.
Uma-ke singabantwana , siyizindlalifa futhi , izindlalifa zikaNkulunkulu , izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye , ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Abantwana bakaNkulunkulu bayakungena ebukhosini emva kwezinhlupheko
Wathi kuye: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.
Futhi ngithi kini : Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;
kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.
Ngithi kini : Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.
Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.
Wena wathi enhliziyweni yakho : Ngiyakukhuphukela ezulwini , ngiphakamise isihlalo sami sobukhos i phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.
Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova , niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu ; niyakudla imfuyo yezizwe , nizibonge ngodumo lwazo.
Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo ; wakhuluma wathi : Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego , nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke , phumani nize lapha . Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.
Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini , isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.
UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.
Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo , ngokuba bakwenzela okubi . Manje siyakucela ukuthi : Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo . UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.
Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?
Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu; ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.