Skip to Content

"zizwe"

40 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:41

Zesaba-ke lezo zizwe uJehova , kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo ; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.

2 AmaKhosi 19:12

Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba , iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene abaseThelasari, bazophula na?

2 iziKronike 32:14

Ngubani phakathi kwabo bonke onk ulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba owayenamandla okophula abantu bakhe esandleni sami , ukuze uNkulunkulu wenu anophule nina esandleni sami, na?

AbAhluleli 2:21

angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezo zizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe,

AbAhluleli 2:23

UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.

AmaHubo 47:1

Shayani izandla , zizwe zonke ; hlokomani kuNku lunkulu ngezwi lokuhalalisa.

AmaHubo 66:8

Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe , nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

NgokukaMarku 7:37

Bamangala nokumangala , bathi: Wenze kahle konke ; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.

U-Isaya 34:1

Sondelani nina zizwe , nizwe, nilalele nina bantu : makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.

U-Isaya 37:12

Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba , iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?

U-Isaya 60:12

Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela ; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

U-Isaya 8:9

Bhevani nina zizwe , niyakuphela amandla nokho ; bekani indlebe nina mazwe onke akude : zibhinceni, kepha niyakudangala , yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho.

UDuteronomi 11:23

uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.

UDuteronomi 12:30

xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho , ungabuzi ngawonkulunkulu bazo , uthi: Lezi zizwe zik honza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.

UDuteronomi 18:14

Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.

UDuteronomi 18:9

Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe.

UDuteronomi 20:15

Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe , engesiyo imizi yalezi zizwe.

UDuteronomi 28:65

Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula , kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho , kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,

UDuteronomi 29:18

funa kube khona phakathi kwenu indoda , noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe , kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;

UDuteronomi 31:3

Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho , achithe lezi zizwe phambi kwakho , uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.

UDuteronomi 32:43

Yenanelani abantu bakhe nina zizwe , ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.

UDuteronomi 7:17

Uma uyakuthi enhliziyweni yakho : Lezi zizwe ziningi kunami ; ngingazixosha kanjani?

UDuteronomi 7:22

UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe phambi kwakho kancane kancane , ungaziqedi masinyane , funa izilwane zasendle zande ngaphezu kwakho.

UDuteronomi 9:4

Ungakhulumi enhliziyweni yakho , uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho , ngokuthi: Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe , ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.

UDuteronomi 9:5

Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo , kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifunge la oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UHezekeli 35:10

Ngokuba wathi : Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho, noma uJehova ebelapho,

UJeremiya 25:11

Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso , nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

UJeremiya 25:9

bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho , usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele , inceku yami , ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo , naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo , nencithakalo ephakade.

UJeremiya 28:14

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.

UJeremiya 31:10

Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhla mbi wakhe.

UJeremiya 6:18

Ngalokho zwanini nina zizwe , wazi wena bandl a ukuthi yintoni ephakathi kwabo.

UJoshuwa 21:16

ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.

UJoshuwa 23:12

Ngokuba uma nibuyela emuva , ninamathele ensalini yalezo zizwe , zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,

UJoshuwa 23:13

yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini , nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu , nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.

UJoshuwa 23:3

nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.

UJoshuwa 23:4

Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu , kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo , kuze k ufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga.

UJoshuwa 23:7

ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,

ULevitikusi 18:24

Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto , ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.

UNumeri 34:15

lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

UNumeri 36:9

Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba i zizwe zabantwana bakwa - Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.