Skip to Content

"zomhlaba"

59 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:46

Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami ; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe , nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaF ilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,

1 uSamuweli 2:8

Uyamvusa ompofu othulini , uyaphakamisa impabanga ezaleni , abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi , ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.

2 AmaKhosi 3:19

Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo ; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithom bo yamanzi , none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.

2 AmaKhosi 3:25

Bachitha imizi , naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa , kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle , kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.

2 uSamuweli 22:16

Kwase kubonakala imisinga yamanzi ; izisekelo zomhlaba zambulw a ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.

AbAhluleli 6:4

bamisa mayelana nabo , bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwaba seGaza , abashiyanga kudla kwa-Israyeli, nazimvu, nazinkomo, nazimbongolo.

AmaHubo 139:15

Amathambo ami ayengafihlekile kuwe , lapho ngenziwa ekusithekeni , ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

AmaHubo 18:15

Kwase kubonakala imisinga yamanzi ; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.

AmaHubo 47:9

Izikhulu zabantu zibuthene , zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka -Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.

AmaHubo 63:9

Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulal a bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

AmaHubo 71:20

Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi , uyakubuye usiphilise , usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

AmaHubo 79:2

Bazinikile izidumbu zezinceku zakh o zibe ngukudla kwezinyoni zezulu , inyama yabakwesabayo kuzo izilo zomhlaba.

AmaHubo 82:5

Abanakwazi, abanakuqonda, bahamba ebumnyameni ; izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.

IsAmbulo 1:7

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona , nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

IsAmbulo 6:8

Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo , igama lakhe lalingukuFa , neHayidese lalandelana naye ; base benikwa amandla phezu kokwe sine komhlaba ukuba babulale ngenkemba , nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.

IzAga 8:29

lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,

IzEnzo 10:12

Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine , nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu.

IzEnzo 11:6

Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.

Kwabase-Efesu 4:9

Kepha lokhu ukuthi wenyuka , kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

NgokukaMathewu 24:30

Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu , bese zikhala izizwe zonke zomhlaba , zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

U-Amose 4:13

Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama , onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

U-Isaya 14:9

Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiw e ukuba ikuhlangabez e ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi , zonke izikhulu zomhlaba , isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.

U-Isaya 18:6

Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe as ezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.

U-Isaya 24:18

Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesab a awele emg odini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe , ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe , nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.

U-Isaya 44:23

Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba , niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba , nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe , ngokuba uJehova umhlengile uJakobe , ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli. UKoresi umalusi

U-Isaya 45:9

Wo kuye olwa noMenzi , udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba ! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi : Wenzani na ? nomsebenzi wakho ukuthi: Akanazo izandla, na?

U-Isaya 4:2

Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.

U-Isaya 58:14

khona uyakuzijabulisa kuJehov a, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo , ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.

UDuteronomi 26:10

Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova ; bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,

UDuteronomi 26:2

uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

UDuteronomi 28:1

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

UDuteronomi 28:26

Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.

UDuteronomi 28:4

Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho , nezithelo zomhlaba wakho , nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.

UDuteronomi 32:13

Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba , wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,

UGenesise 18:18

U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.

UGenesise 1:24

UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, kwaba njalo.

UGenesise 1:25

UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo , nezinkomo ngezinhlobo zazo , nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UGenesise 1:30

Kepha zonke izilwane zomhlaba , nezinyoni zonke zezulu , nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla, kwaba njalo.

UGenesise 22:18

nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba , ngokuba ulalele izwi lami.

UGenesise 26:4

Ngiyakwandisa inzalo yakho , ibe ngangezinkanyezi zezulu , ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe ; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,

UGenesise 9:10

nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.

UGenesise 9:2

Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba , naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu , naphezu kwakho konke okunwabuzelayo em hlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.

UHezekeli 29:5

Ngiyakukulahla ehlane , wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho , uwe ebusweni bomhlabathi ; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.

UHezekeli 32:4

Ngiyakukuphonsa emhlabathini , ngikuntshinge endle , ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.

UHezekeli 39:18

Niyakudla inyama yamaqhawe , niphuze igazi lez ikhulu zomhlaba , elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.

UJeremiya 15:3

Ngiyakubamisela izinhlobo ezine , usho uJehova : inkemba yokubulala , nezinja zokud onsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

UJeremiya 19:7

Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema , ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo , nangesandla sabafuna ukuphila kwabo , nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.

UJeremiya 26:6

ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.

UJeremiya 31:37

Usho k anje uJehova , uthi: Uma izulu lilinganiswa phezulu , nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi , khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo, usho uJehova.

UJeremiya 33:9

Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela kh ona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.

UJeremiya 34:20

yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.

UJeremiya 44:8

ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe , lapho niyile khona ukugogobala , ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba , na?

UJeremiya 7:20

Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu , ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu , naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle , naphezu kwezithelo zomhlaba , kuvuthe kungacimi.

UJeremiya 7:33

Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.

UJobe 35:11

osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.

UJobe 5:22

Uyakuhleka incithakalo nendlala, nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.

UMika 1:3

Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe , ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.

UMika 6:2

Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova , nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikis ana nabantu bakhe , uyakumelana nabo.

UZakariya 12:3

Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa ; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.